03/03/2019
Umzukulu ‘uqhumuze’ imali kwahlehla umngcwabo.
KUHLEHLE umngcwabo umzukulu “ebhubhudla” imali kamasingcwabisane obekumele isetshenziselwe ukungcwaba ugogo wakhe. Umngcwabo kaNkk Mantombo Hlengwa (70) waseChestervill
e, eThekwini obekumele ube izolo, kuphoqelekile ukuthi uhlehlele inamhlanje kulandela ukuthi umzukulu wakhe uNksz Slindile Tati (21) esolwa ngokudla imali elinganiselwa kuR12 000 yomngcwabo, maqede wabashiya nekhadi lasebhange elinoR100.
Le mali kuthiwa ibhaliswe kumasingcwabisane emuva kokushona kukaNkk Hlengwa ngoMsombuluko.
Ilungu lomndeni elicele ligodlwe igama lalo, lithe uSlindile uzalwa yindodana kaNkk Hlengwa ongasekho emhlabeni nokwenza wabhala yena kumasingcwabisane. Lithi bekuyibona abahlala noNkk Hlengwa bemnakekela bemgeza ngisho esegula kakhulu. “Ubengezi ngisho ukuzobheka ugogo. Ngingasho ukuthi ubengamthandi kodwa ngoba umzukulu futhi usemncane, ugogo ubezitshela ukuthi koba lula uma sekumele kulungiswe indaba yokukhipha izimali. Nathi sizamile ngoba ubenganalo ikhadi lasebhange samvulela lona.
“Imali uma isingenile akasezi ekhaya, ngoLwesine kuze kwashona ilanga ethi usayothenga izimpahla azoswenkisa ngazo ugogo. Kwale ngisho esencengwa ukuthi akabuye nemali wanqaba,” kusho leli lungu lomndeni.
Udadewabo kamufi, uNksz Nonhlanhla Hlengwa, uthe basahlanganisa amakhanda njengomndeni ukwenza imizamo yokungcwaba udadewabo ngesizotha. “Ngiyenzile imizamo yamakhaza nebhokisi. Itende sesiliqashile ngoba kucacile ukuthi besingeke sisangcwaba ngoLwesihlanu (izolo) njengesifiso sethu kodwa sizohlanganisa angcwatshwe ngoMgqibelo (namuhla). Ngiphoxekile ngendlela okwenzeke ngayo ngoba ngigcine sengithukwa nabangani bakhe ngento ebingalungiseka."
Ethintwa uSlindile uvumile ukuthi unolwazi ngalolu daba kodwa wathi akakaze adle ngisho isenti emalini kamasingcwabisane. “Hamba uyobabuza ukuthi angibanikanga yini uR5 900. Umama wayemtshelile ugogo ukuthi angangibhali ngoba bawumndeni onokukhuluma. Bafike nala ekhaya bashaya izicabha bengilwisa nomama."
Mayelana nemali okuthiwa ubeyothenga ngayo imisiko kagogo, akathandanga ukuphumela obala nangesamba semali okuthiwa uyitholile.
“Ngibatshelile ukuthi uR2 000 sengiwusebenzisile bazowuthola sekuyolandwa itende. Kodwa ngeke ngisabanika sengizolungisa isicabha sasendlini kamama. Ngeke ngikwazi nawe sisi ukukutshela imali engiyitholile ngoba angikuthembi nokuthi uyintatheli, mhlawumbe uthunywe yibona ukuzongisesha,” kusho uSlindile.
Source : ISOLEZWE