Welile Sisanda Malinga's novels and drama

Welile Sisanda Malinga's novels and drama Novels and dramas

18/03/2022

Hi guys it's been a long time singasakhulumi ngisekhona zithandwa πŸ˜ŠπŸ’–πŸ’• I just hope niyaphila nonke😊

IDLOZI ELIBI new drama coming soon😊

30/09/2021

Sqephu 43 isihloko UJESU UFIKA EKUSENI

Umbhali Mayor Mnikelo Malinga

Afike uNtombifuthi e-Restaurant ayekade ekuyo benoZoleka acabanga ukuthi kungenzeka ukube asala khona amaphepha wakhe.

Ntombifuthi: Hei! Hei... bhuti wee! Usangikhumbula? (Ebuza embuka emamatheka egijima ngamakwayikwayi eya kuye)

Waitress: (ephunduka embheka) hawu of course ngisakukhumbula ngingamkhohlwa kanjani umuntu ofana nawe.

Ntombifuthi: oh okay! Kwakuhleke ukuzwa lokho awusho, awekho amaphepha enawathola lapha ngizobheka wona! (Ezihlekisa ubala eshalaza ubala)

Waitress: ayicha akhona sisi ngicela ungilandele.

Bahambe bafike lapho kukhona umphathi (manager)

Waitress: mphathi nangu losisi owabaleka engakhokhile uthi uzolanda lamaphepha akawashiya...

Manager: wow isona isgebengu lesi? Thabang please call the police!

Ntombifuthi Ayibo yiphutha lonke leli ngiyakucela sisi ungawabizi amaphoyisa ngangingaqondile ukubaleka ikhanda lami laliphithene! Ngizofaka isehlukaniso nomnyeni wami, ngapha ngizithwele incindezi enginayo sisi eyenza ngingasakhoni nokucabanga kahle! Ngiyacela sisi imali yenu ngiyiphethe yonke nansi, bengingeke ngibuye lapha ukube ngangiqondile, nawe ungumuntu wesifazane uyayazi lencindezi engibhekene nayo! (esekhihla esikaNandi edabukisa)

Manager: Thabang thatha lemali umnike izinto zakhe, ngiyaxolisa sisi I just feel your pain, I know exactly what are you going through.

Ntombifuthi: Ngiyabonga kakhulu sisi inkosi ikubusise (ephaphatha emukela amaphepha wakhe, qede wavalelisa wahamba)

MaMbhele: (evuka egijima ibala lonke ebheka uLanga) Hawema Langa! Langa ukuphi? Ayibo ushonephi lomuntu bakithi ngizothini kuNtombifuthi nkosiyami?

Kusenjalo kufike imoto ethutha abantwana ibase esikoleni.

Malume: (ekhuluma nomaMbhele) mama namhlanje uNothile angimtholanga esikoleni kuthiwa uthath......

MaMbhele: (emungena emlonyeni ngolaka) Ayi ayi Thakasani nkosiyami! Anginendaba nalombhedo ongitshela wona ngifuna uLanga mina! Awungiyeke kancane ngoNosmilo!

Malume: kodwa mama uLanga indoda endala, okwakhe akufani nokwalengane, uzothini mangabe lengane ithathwe umuntu owrong? Uzokwazi ukuzixolela mangahle kwenzeke okubi ngayo?

Mambhele: ngithe anginamsebenzi weThakasani ndini ngihambele bo ngingaze ngikulimaze!

Avele angene emotweni yakhe uThakasani ahambe.

KukwamaKhanyile uyafika noNosmilo, abeve bejabule bobabili ukubonana.

Nosmilo: mama ungabe usahamba mina ngifuna ukuhlala nawe umama kaNothile akangifuni wanginika ukudla okubolile ngacishe ngafa! (Embuka eshintsha ebusweni)

Makhanyile: Hawu Nosmilo mntanami lalela sisi ngeke ngisakushiya uyezwa? (Bengena endlini, bathole uLanga ehleli ebuka umabonakude)

Langa: MaKhanyile? Yazi selokhu uhambile ngiyaphalaza nje sekuze akusaphumi lutho, nekhanda lami ngathi liyazula, angazi kwenzakalani (Ebukeka ekhathazekile)

Makhanyile: baba umqondo wakho usubuyile usuyangikhumbula manje? (Embuza emangele)

Langa: ush'ukuthini kanti benginjani mkami? (Kusenjalo kube nokukokota emnyango)

Makhanyile: ngena! (Sivuleke isicabha) hawu mama uwena kanti? Ngihlangane noSizwe wangitshela ukuthi ubulokhu ungifuna! Ungahlala phansi mama (embuka emamatheka)

Makheswa: impela mntanami kunjalo, sesiside isikhathi ingidla lento! (Aqale akhihle islilo)

Makhanyile: hawu mama khuluma kwenzenjani? Udliwa yini?

Makheswa: ngicela ufonele umnakwenu nomawakhe beze lapha ngiyabadinga nabo ngeke ngiyisho lento bengekho!

Makhanyile: Hawu yeyeni kumayelana nani kanti? Awuthi ngibashayele ngibabizeke.

Afike noNtombifuthi kwakhe ehle egijima emotweni ememeza.

Ntombifuthi: Mama kwenzenjani wagcwala igceke uphi uLanga? Ngibuye nawo amaphepha kumele awasayine ngiphinde ngihambise lawa edivosi kumaKhanyile! uZoleka wawekwenza konke phela konke sekusele ngakimi manje!

Mambhele: Ngiyaxolisa mntanami uLanga uhambile angimazi uyephi kade ngimbheka (ekhihla isililo )

Ntombifuthi: ayi mama wothi uyadlala! (Kuvele kukhale ucingo lwakhe esakhuluma, aluphendule eshesha).

Ntombifuthi: Nonhlanhla yini, ufunani? Uyazi ngimatasatasa kanjani! Ngiphuthume ngize lapho? Yini kwenzenjani? ULanga ngabe ulapho? Hello.... Hawu walucima dade, mama kuzomele siphuthume emzini kamaKhanyile!

MaMbhele: Yini kwenzenjani?

Ntombifuthi: angazi asambeni sozwa khona! Thatha uNothile (Bangene emotweni kaLanga banikele khona)

Ngokuphazima kweso babe sebefikile, bangena sebelandelana.

Ntombifuthi: Anisho uLanga ubekwa yini lapha futhi umhlangano wani lona obanjwe lapha? (Ebuza ngolaka)

Makhanyile: yeyi weNtombifuthi awoke ufunde inhlonipho! Usawubona nje uyini? uLanga ulapha nje ngoba ungumnyeni wami! Awuyazi leyondaba?

MaMbhele: Anikahleni bakithi! Ukhona ozositshela ukuthi kungani silapha? (Esho ngolaka )

Makheswa: Ngiyaxolisa bantabami yimina engibize lomhlangano, angazi nokuthi ngiqale ngaphi kodwa nje othi ngingalokhu ngigudla iguma angivele ngihlale phezu kwendaba, MaMbhele uyakhumbula ngesikhathi ubeletha amawele elinye lenda? (Ebuza amehlo eseqala ecweba izinyembezi futhi)

Mambhele: Yebo ngiyakhumbula wenda umntanami samuncwaba futhi...

Makheswa: Cha akazange adlule emhlabeni owadlulayo owalenkosikazi owabeletha kanye nayo yamzala vele umntwana wayo eseshonile, yabe seyingicela ukuthi ngiyintshontshele owakho ngoba wawuthole amawele, ngoba bona base bezame kaningi bethi benza abantwana kungalungi kwathi sekulungile unkulunkulu wabe esebaphuca iqatha emlonyeni wabathathela uzinyobulala wabo (esula izinyembezi) ngamthatha ngempela oyedwa umntwana wakho ngamnika bona bamukhulisa njengendodakazi yabo, ngebhadi bavele bashona bobabili nomnyeni wakhe engozini yemoto ingane yasala yakhuliswa ugogo wayo umama wendoda, leyongane kwakunguwena Makhanyile mntanami ngiyaxolisa! (Esidinda kakhulu islilo)

Babhavumule bonke endlini bebanga umsindo kungasezwakali nokuthi bathini, abathulise ngolaka uLanga

Langa: enikahleni umsindo! Akukhulume abemunye khona kuzozwakala!

Mambhele: Aweee ngomntanami kanti zonke lezizinto ezibuhlungu kangaka ebengizenza kuwe Ntombikayise bengizigwaza ngowami! uyingane yami? Sonke lesikhathi ngilokhu ngithi uNtombikayise usashona kanti ingane yami iyaphila! Ngiyaxolisa Langa, ngokukufakela umuthi wokuthi uphanjanelwe yinqondo! Nawe Ntombikayise ngokunixabanisa nino dadewenu ngokusebenzisa imithi emibi ngicela uxolo! (Esekhihla esikaNandi eheyiza)

Ntombifuthi: (naye esekhihla isililo) mama iphutha lakho lonke leli! Nguwena owangenza ngaphendukela udadewethu! Ngiyakuzonda mama! Ngiyaxolisa Ntombikayise dadewethu ngakho konke engikwenze kuwe!

Makhanyile: kodwa Makheswa usungaze ungifihlele iqiniso elingaka imnyaka engaka! Kodwake ngiyabonga ngento eyodwa nje, unkulunkulu wangisusa ngenhloso kumama ongizalayo wangiyisa kwaKhanyile wayazi ukuthi lapha ngizothola imfundiso encono kunalena engangizoyinikwa ngumama ongizalayo! Buka nje uNtombifuthi unjani, ngiyabonga enkosini ukuthi angizange ngikhuliswe izandla zakho MaMbhele seningahamba izimpendulo ekade kwasa ngizidinga sengizitholile, wena MaMbhele kanye nendodakazi yakho uNtombifuthi you don't deserve to be my blood, mama umaKheswa ngiyabonga wenza ukuthi ungiqhelelanise nalombdeni baqinisile uma bethi UJESU UFIKA EKUSENI sebethi baqedile ngawe azokupha amandla amasha! Namuhla ngibheme ngakholwa ikhona lendoda abathi uJesu! (Naye eseheyiza ecabanga indlela abamuhlukumeze ngayo uNtombifuthi nomawakhe)

Mambhele: ungakhulumi kanjalo mntanami, ukungazi kufana nokungaboni! (Ekhala)

Makhanyile: kade nganixolela mina kodwa angisafuni lutho oluyophinde lungihlanganise nani, ningizwisile ubuhlungu MaMbhele ngaphandle kwecala, noma ngabe asihlobene isidingo sokuthi ningiphathe ngaloluhlobo sasingekho ngiyethemba nifunde isfundo!

Langa: Impicabadalake lena, Ntombifuthi nami angisakudingi empilweni yami, angisafuni lutho nje engihlanganisa nawe kanye nonyoko! Ingane lena oyithwele uzothi uma uqeda ukuyiteta uyilethe lapha ngizikhulisele, hambani buyelani kini! Ngininika usuku olulodwa vo! Niphume niphele emzini wami!

Ntombifuthi: sthandwa sami inqondo yakho isiyasebenza? (Ebuza emangele)

Langa: Ngiphumeleni lapha emzini wami nibe niyoqoqa amasakana enu lapha kwami! Elakusasa linganifici lapha!

Ntombifuthi: Awu kodwa Langa ngiyaxolisa Sothole! Iphutha likamama lonke leli! Ntombikayise ngiyaxolisa ngakho konke! Awungikhulumele phela noLanga ngizoshonaphi ngeke ngikwazi ukuhlala nomama! (Eheyiza)

Makhanyile: kwakumele ukucabange lokho ngesikhathi ningishaya ngesichitho nonyoko! Hambani bo!

Avele aheyize kakhulu uNtombifuthi

Ntombifuthi: Aweee Langa ngafa yinhlungu eswini! Ngisizeni! (Athi uyasukuma kuvele kwehle igazi ngemilenze)

Asukume eshesha umaKheswa ezama ukumsiza.

Makheswa: uphuphunyelwa yisisu bizani i-ambulance!

Bethi besazama ukuyibiza umaKheswa ebe ezama ukumsiza, lapho abasakhali sekuduma indlu yonke umaMbhele noNtombifuthi. ULanga nomaKhanyile nabo sebethukile bamangele.

Bafike nebala abosizo oluphuthumayo bathole ukuthi basindwe zinyawo ingane kaNtombifuthi isivele ichithekile, bamuthatha uNtombifuthi waphuthinyiswa esbhedlela, umaMbhele noNothile kanye noMakheswa nabo babona abeze ngayo sekumuncu nje izinhliziyo zibuhlungu kubona bonke ngokulahleka kwengane.

The end

28/09/2021

Sqephu 42 isihloko UJESU UFIKA EKUSENI

Umbhali Mayor Mnikelo Malinga

Afike kubo umaKhanyile angabe esapholisa maseko aqoqe konke okungokwakhe, ekhuluma yedwa ngala.

Makhanyile: Yabonake manje isineke sokubekezelela lomaNdaba nomawakhe sesingiphelele! Angeke ngibavumele ukuthi bangithathele umnyeni wami kanjalo nje! Namuhla ngibuyela emzini wami! Ngeke ngizwe ngabo, noLanga futhi ngizofike ngimthathe benoNomsmilo.

Aqede nebala ukupakisha bese ephuma nemigodla yakhe eselibhekise kaLanga. Endleleni esahamba ahlangane noSizwe.

Sizwe: Hawu Sawubona sisi Nonhlanhla (ephakamisa izandla embingelela)

Makhanyile: Sizwe mfana wami usaba yindoda engaka! Awu yeyeni uyaphila kodwa? nomama usaphila? (Ejabule embuka)

Sizwe: Ngiyaphila sisi, nayo ikhona intombi endala lapha ekhaya and yazi wayekufuna, lento akayekufunela yona kwakuzwakala sengathi ibalulekile!

Makhanyile: Ngempela mfana wami? Akazange esho ukuthi kumayelana nani?

Sizwe: Cha khona uke wazama ukukushayela kepha ucingo lwakho aluzange luphendulwe, kodwa khululeka sisi ngizomtshela ukuthi ngikubonile.

Kulungile Sizwe nami mhlampe mangithola ithuba ngizofika ngizombona. (Bevalelisane omunye nomunye aqhubeke nohambo lwakhe)

Kusemzini wakaLanga umaMbhele uxoxa nendodakazi yakhe uNtombifuthi, uLanga uhleli ngaphandle phansi kwesihlahla samapentshisi uyadla.

Ntombifuthi: Mama kukhona lapho engiphuthuma khona engicabanga ukuthi lamaphepha ngawashiya khona, ngicela usale ungibhekela uLanga angayindawo, kumele mangibuya asayine yonke into ethi yena alale isingakimi, futhi lapho noma esengafa ngizodla kakhulu futhi ngomasincwabisane wakhe, izigidi ngezigidi ezophuma lapha! (Ekhulumela phansi)

Mambhele: kulungile ndodakazi ngizokwenza njalo, yabonake manje nansike indodakazi yami engiyaziyo ehlakaniphile! (Naye ekhulumela phansi ehleka)

Ntombifuthi: Yebo mama, lokhu okunguNomsmilo mayefa uLanga ngiyokusa ezintandaneni, mangiphuthumeke ngihambe uma eqeda ukudla umnike nanka amaphilisi wakhe uLanga (Aphume ahambe nebala)

Kuthi emini ilanga seliphakeme kushisa likhipha inhlanzi emanzini umaMbhele avele azunywe ubuthongo alale, akhohlwe ukuthi kuthiwe agade uLanga, avele asukume uLanga phansi kwesihlahla ahambe naye engazazi ukuthi uyaphi.

Afike kwakhe umaKhanyile avule, indlu ingancolile libhubha izintuli, aqale azame ukuklilina, kuthe ngesikade esezoqeda ukuklilina ezwe umuntu oculayo ngaphandle egcekeni aphume eqhantsha endlini eyobheka ukuthi ngabe ubani.

Langa (ecula): "Sebekhulume konke abakuthandayo! Sebekhulume konke abakucabangayo kodwa impilo yami iphethe nguwe......., (angabe esaqhubeka ephazanyiswa umaKhanyile)

MaKhanyile: Ayibo baba nguwena lona? Namanje usalithanda leliculo? Ubekwa yini lapha? (Ebuza emangele ejabule)

Langa: Eyi saphinda sabonana futhi nkosazane enhle, kanti unamakhaya amaningi? Mina ngibekwa zinyawo lapha! (Ehleka) empeleni ngiyadlula ngiyalena kwaLuvundu ngiyobheka imbuzi zami, bengingazi ukuthi ngizozithela phezu kwakho futhi sphalaphala sentokazi! (Embuka emamatheka)

Makhanyile: woza baba ngena endlini umuzi wakho lona nje! (Emdonsa embuka emamatheka )

Langa: uzithwele kanti? Ingane yakho uyiqambe igama uthi Uhlelolwenkosi uma usuyizele (emoyizela emphulula isisu)

MaKhanyile: uHlelolwenkosi? Ngiyabonga ngizoyetha kanjalo baba, awuzwe useyadlala baba (embambisa isisu ejabule)

Langa: Kwaze kwayintokozo ukuzwa lokhu, ngagcina kudala ngomfazi wami owadlulayo, ngesikhathi ethwele indodakazi yami, ngicela ungiphe amanzi ngafa ukomiwa! (Ehlala phansi esihlalweni esikhona lapha endlini)

Makhanyile: kulungile baba linda nje kancane! (Agijime avule isikhwama esinesiwasho, asinikwe umaMtshali, asikhiphe isiwasho bese esithela kujeke athele amanzi ahambise kuLanga) nanka amanzi baba, (eguqa phambi kwakhe emnika)

Avele awagalele wonke ekhanda uLanga bese ecela amanye.

Langa: Awungiphinde futhi nkosikazi, ngizwa ngicanuzelelwa inhliziyo kuthi angiphalaze...(uthe engakaligwinyi, wavele wasukuma ngejubane waya phandle, wafike wabuyisa konke abekudlile)

Makhanyile: Ayibo uthe nkosikazi dade (ekhuluma yedwa ejabule emamatheka, aphume namanzi) baba ukahle nanka amanye amanzi!

Langa: Cha awume kancane nkosikazi sengiphalaze kakhulu amandla angisenawo ngicela ukuthatha isthongwane kancane mhlampe ngizovuka sengincono.

Makhanyile: Kulungile baba masambe uyolala ngizokuphekela umdokwe khona uzothi mawuvuka uwuthole usulungile uzokwazi ukubuyisa amandla. Nantike igumbi lokulala lala nje uphumule mnyeni uzobancono umaMtshali ungithembisile! (Embuka emamatheka) Ngizoshiya ngikhiyile lapha ngifuna ukuyolanda uNosmilo esikoleni, uma kukhona okokotayo uthule engathi awukho, uyezwa baba?

Langa: Ngizwa kahle nkosikazi ewu ngaze ngakhathala wemadoda!

Iyaqhubeka

22/09/2021

Sqephu 41 isihloko UJESU UFIKA EKUSENI

Umbhali Mayor Mnikelo Malinga

MaMbhele: Bhekisisa mntanami ngabe ashonephi, kukhona lapho uke wadlula khona mhlampe?

Ntombifuthi: Cha mama! Ngihlukane no Zola ngaya esbhedlela akukhoke lapho engike ngadlula khona!

Langa: Yini leyo kuzwakala kubalulekile nje nkosazane?

Ntombifuthi: Ayi baba akulutho, ngicabanga ukuthi uhambe uyophumula ngizokuvusa uma ukudla sekulungile,

Langa: Igumbi lokulala lingakuphi?

Ntombifuthi: oh naliya baba leli elivuliwe (emukhombisa)

Ahambe nebala uLanga, afike azishaye embhedeni alale.

Mambhele: kuzomele uthole amanye amaphepha Ntombifuthi fonela uZoleka!

Ntombifuthi: Eyi wee kazi uzongifuna malini, imali phela isingiphelele nalena ebisekhadini likaLanga ngiyikhiphe yonke! Ave enenhliziyo embi uZoleka mama!

Mambhele: hawu bengithi niyazwana nje kushintshephi? (Ebuza emangele )

Ntombifuthi: Ayi its a long story mama ngizobona kodwa ukuthi ngenza njani.

Ngakusasa umaKhanyile avukele kumaMtshali.

MaMtshali: Mntanami ngahlaselwa nguwe ekuseni kusa kwenzenjani, iziwasho ngabe azisebenzanga yini?

MaKhanyile: cha mama iziwasho zisebenza kahle impela! Inkinga umnyeni wami (akhihle isililo)

MaMtshali: Yini unani umkhwenyana mntanami? Thula musa ukukhala (embamba emduduza) Eyiii Jesus! (Ebhonga) ayikho into esazolunga lapha kwakho kusekhona umnakwenu nomawakhe! Bameqisele umnyeni wakho, yingakho kuhamba kubukeka sengathi uhanjelwa umqondo! Hmm Msindisi! Asikhuleke kubi!

Bakhuleke nebala bese beqeda, bahlale phansi

Makhanyile: kwenzakalani mama ngingancedwa yini?

MaMtshali: Yilwa! Yilwa mntanami ungasahlehli ulwele umndeni wakho! Yazi ngesikhathi sikhuleka ngimbulelwe enye into lapha ngawe (embuka ekhathazekile)

Makhanyile: Uboneni umama? Ngiyethukake manje! (Emhlahlele amehlo)

MaMtshali: akucacanga kahle mntanami kodwa ngibone izinyoka ezimbili, kuthe kus**a kwaqhamuka owesifazane ephethe abantwana abangamawele amantombazane, kodwa lomama ubengeve engeneme neze! Bekungathi uyabenyanya labantwana indlela abebaphethe ngayo.

Makhanyile: Manje mama ngabe lokho kuchaza ukuthini? (Ebuza ekhathazekile )

MaMtshali: ngicabanga ukuthi umama wakho ukhona usaphila futhi unewele! Kodwa ngizoke ngikhuleke ngicele inkosi ithi ukungembulela ngalesbonakaliso, okwamanje thatha nasi isiwasho ufike uphuzise umnyeni wakho aphinde aphalaze achathe uzobancono ngiyakuthembisa!

Makhanyile: Ewu kodwa mama engabe ngiyokubonga ngani, usungisize kakhulu! Mayelana nesibonakaliso ngiyafisa nje ukubona umndeni wakhabomama naye umama kungangijabulisa ukumbona mhlampe nezinto zami zingakhanya, uma kungukuthi usaphila, ayikho into eyongijabulisa njengaleyo! (Emamatheka)

MaMtshali: Kuzolunga ngethembe mntanami!

Makhanyile: Ngibonga angiphezi mama usale kahle, nansi imali usungisize kakhulu!

MaMtshali: kubonga mina mntanami (embuka emamatheka)

Iyaqhubeka

18/09/2021

Sqephu 40 isihloko UJESU UFIKA EKUSENI

Umbhali Mayor Mnikelo Malinga

Ntombifuthi: Ayi awuthule wena mthakathi usumqedile uLanga umgqisha ngemithi, weLanga indodakazi yakho uNosmilo usekukhumbule masambe siyekhaya! (Esho ngolaka)

Langa: Indodakazi yami uNosmilo? Ngiyamkhungula ngamgcina esemncane uhlala nawe? (Ebuza emangele)

Ntombifuthi: (emamatheka) yebo sthandwa sami empeleni nje wayehlala nomaKhanyile yena lona owenza sengathi uyakuthanda, wabe esemshiya wamlaxaza ngikhuluma nje selokhu wahamba waya esbhedlela akaze alubhade lapha ekhaya ezobona ingane njengoba manje esenza sengathi ukuthanda kakhulu! Phika phela nginamanga? (Embuka emtsalele amehlo )

MaKhanyile: Langa ngicela uzwisise angiyena umuntu omubi lapha, ukungayi kwami lapha ngiyobona izingane ngenziwa izathu ethize, ayingoba ngingayifuni ingane, this thing it's so complicated Sothole....

Langa: Uxolo ntokazi kuzomele ngihambe ngiyobona ingane yami kade ngayigcina, yonke lento inzima nakimi angazi ngikholwe bani ngoba nobabili angisanikhumbuli kodwa ingane yona ngiyayikhumbula, ngiyakuthembisa kodwa nkosazane ngizobuya ngizokubona.

Makhanyile: Ngiyacela baba ungahambi ingane ngizoyilanda uma kungukuthi ilokho okufunayo, mnyeni wami ungahambi labantu abalungile neze! (Esho izinyembezi sezigcwele amehlo)

Langa: Ayi uyabona manje yinina eningenza ngisangane ngempela manje, uma bengalungile manje pho bahlala kanjani nengane yami? Ngiyaxolisa nkosazane kuzomele ngiye lapho kukhona ingane yami khona (efaka izicathulo esukuma)

Ntombifuthi: Asambe baba ngizokuphekela your favourite meal ukuzwe ukudla kwasekhaya kade wakugcina (embuka emamatheka)

Amamatheke noLanga embuka, baphume nebala belandelana beyongena emotweni.

Makhanyile: Baba kodwa akusona isinqumo esiphusile lesi osithathayo! (Ememeza ngezwi elidlengezela izinyembezi)

Awu wavele akabe esabheka ngisho emumva uLanga emdonsa uNtombifuthi beyongena emotweni. Afike ayidumise bese is**a ihamba. Asale akhale azithulise umaKhanyile.

Afike kwakhe uNtombifuthi behle noLanga, n**i nezingane uNosmilo noNothile bezidlalela phandle. Babe ukubabona nje basuke bagxume inhlamvu beya kubo ngamajubane.

Nosmilo: nangu baba! Daddy........

Langa: hawu uyena ngempela dade! Nosmilo uyaphila ndodakazi yami? (Embamba emqabula ejabule)

Nosmilo: ngiyaphila ubuya kuphi baba? Uphinde umama futhi?

Ntombifuthi: Nosmilo ubaba ukhathele sisi udinga ukuphumula asambeni siyendlini. (Evimba imbuzo kaNosmilo )

Bahambe nebala bafike endlini bathole umaMbhele ezibukela umabonakude.

Mambhele: hawu mkhwenyana usubuyile, uzizwa unjani kodwa manje?

Langa: Ngikhathele ngathi ngingalala! Eyi lomuzi uyangisinda nje nawo, (elokhu egxuma ethuka ubala)

Ntombifuthi: Eee... baba ngaphambi kokuba ulale ngicela ungisayinele lamaphepha, awuthi ngiwakhiphe (evula isikhwama sakhe ebheka amaphepha) Ayibo yeyeni! Aseshonephi lamaphepha nkulunkulu wami? (Ethintitha isikhwama ewuhlulela phansi izinto)

Mambhele: yini usuwalahlephi? Awasalanga emotweni? (Ebuza emangele )

Ntombifuthi: cha mama abelapha! Ngoba futhi esbhedlela angizange ngihlale ngabe ngithi asale khona, amabhadike lawa! Ayi kuyala impela ukuthi lomfazi aphume ezimpilweni zethu! (Edumele)

Iyaqhubeka

17/09/2021

Sqephu 39 isihloko UJESU UFIKA EKUSENI

Umbhali Mayor Mnikelo Malinga

Zola: waiter! Can I please have dry aged rump steak and milkshake strawberry please! Wena Ntombifuthi what would you like to eat? (Embuka emamatheka)

Ntombifuthi: no I'm fine I just need water only (embuka enyipha) Ngicela ungiphe izinombolo zakho zebhange ngizokwazi ukukuthumelela remaining balance Zola.

Zola: kulungile n**i (emnika) angizwani nobuqili mina weNtombifuthi, and lento esiyenza lapha izophelela kuthina sobabili angithi? (Embuka enhlamvini zamehlo )

Ntombifuthi: Kunjalo sisi ngibonge kakhulu, imali yakho sengiyithumele (embuka ngokwesaba )

Zola: Okay nayi reflect, thank you so much, it is nice doing business with you, sengiyagodukake i really enjoyed the food, (embuka emoyizela) Sisi i-bill uzoyikhokha usisi lona neh? Nisale kahleke (ethatha isikhwama sakhe etshikiza eyophuma ngomnyango )

Ntombifuthi: Ayibo Zoleka ngigcwalisele okungenani angisenamali phela mina...! ( kuvele kufane nokuthi usekhukuma yedwa, lomuntu akhuluma naye akasabonwa nangesthunzi)

Waiter: Sisi ngicela i-bill?

Ntombifuthi: Ayis**a lapha wena awuboni ukuthi ngisayibheka imali, s**a lapha uhambe ube uyosiza amanye ama customer awunawo omunye umsebenzi ongawenza ukunokuthi ulokhu ugqolozelene nami? (Esho ngolaka)

Wanyobozela nebala u- waiter wabe enceda abanye ngenkathi uNtombifuthi esabheka imali. Wathi qalaqala uNtombifuthi wabona ukuthi abamunakile wadonsa isikhwama sakhe (hand bag) wathi tshobe emnyango zaya kakhulu wafika lapho apake khona imoto kaLanga, wayigibela wayishaya yazula esebheke esbhedlela.

Uthe mayesethi uyaphaphama u-waiter azisakhali ngaNtombifuthi lapha, wagijima wavula phakathi kwe menu wathola amasentshana nje angeke aze akwazi ngisho nokukhokhela milkshake nje iyodwa lena, kwamphoqa ukuthi akubhadale yena lokhukudla obekudliwa uZola, mayethi qalaqala wabona amaphepha thizeni phansi eduze kwesihlalo abehleli kuso uNtombifuthi, wawacosha qede wayowanika umphathi wabo, wachaza nokuthi kwenzakaleni ngomnikazi wawo.

Kusesbhedlela eMadadeni nangu uNtombifuthi eqhwayizela ebheke egumbini lapho uLanga ayefakwe kulo.

Ntombifuthi: Sawubona mhlengikazi, usangibona angithi? (Embuka emamatheka)

Mhlengikazi: konje ngizothi usisi ungubani? (Embuza emangele)

Ntombifuthi: Oh.. ayi nginguMrs Langa ngizobona umnyeni wami uLanga...

Mhlengikazi: Okay Mrs Langa umnyeni wakho uhambile udokotela umkhiphile namuhla...

Ntombifuthi: yeyi ningangihlanyisi mina uhambe wayaphi mina njengenkosikazi yakhe ngingazi? (Emungena emlonyeni ngolaka)

Mhlengikazi: Uhambe nomfazi wakhe umaKhanyile, usuzobathola ekhaya (embuka emamatheka)

Ntombifuthi: Nxx damad MaKhanyile! Yazi makuyilomfazi nani ngizonimangalela anikwazi ukunika i-strange umnyeni wami engaphilile nakahle ngokwenqondo! (Ephuma eshesha engasacasukile kuthi akafe)

Kukubo kamakhanyile uxoxa noLanga umuthoba izinyawo.

Makhanyile: baba yazi ntambama lizothi malehla ukushisa ilanga sihambe ngikuse komunye umama ongumthandazi, uzokunceda kakhulu! (Embuka emamatheka)

Langa: Waze wanenhliziyo enhle mntanomuntu ngikulethelwe unkulunkulu inkosi impela! (Naye emamatheka embuka)

Makhanyile: Ungumnyeni wami angithi baba, kumele ngikwenze lokhu....

Kuphazamise ukungena kwemoto kaLanga ngesivinini ishayelwa nguNtombifuthi.

Ntombifuthi : Yeyiwena Nonhlanhla mthakashana, uyazi ukuthi it a kidnapping lento oyenzayo? Umthatheleni umnyeni wami esbhedlela ngingazi mina njengenkosikazi yakhe? Wena Langa sukuma sihambe manje! Uyena lomuntu okwenze wabanje!

Langa: Angiyi ndawo lentokazi ingiphethe kahle, futhi ngizizwa ngiphephile lapha kunalapho bengikhona! (Esho ngezwi eliphezulu)

Makhanyile: Hamba Ntombifuthi usumzwile angithi uLanga uthini? Futhike awukabi yona inkosikazi yakhe ngoba anikashadi yimina umfazi kaLanga amshadileyo!

Iyaqhubeka

14/09/2021

Sqephu 38 isihloko UJESU UFIKA EKUSENI

Umbhali Mayor Mnikelo Malinga

Makhanyile: baba angiyena uNomalanga ngingumaKhanyile umfazi wakho! (Embuka emdabukela ephatheke kabi)

Langa: Ha! Nawe ungumumaKhanyile futhi?lowo muntu ubelapha nje ezinsukwini wena angikwazi, nobabili futhi angin**i! Hamba futhi lapha! (Esho ngolaka)

Makhanyile: cha baba ngingumaKhanyile umama kaNosmilo indodakazi yakho awusangikhumbuli? We are married! Lowo omshoyo ngicabanga ukuthi umaNdaba unkosikazi wakho omncane (Esho ngezwi eliphansi)

Langa: ungumfazi wami? Nginendodakazi mina? Mina ngiyadideka ngempelake manje ngoba kukhona owesifazane obelapha naye ungitshele ukuthi uyinkosikazi yami, mina kade yashona inkosikazi yami, futhi angizikhumbuli nje ngibanenye.

Makhanyile: kulungile baba asiyeke ukukhuluma ngalento okwamanje, ngizokulinda uze welulame kahle, dokotela ngicela ukubuza nizomgcina lapha kuze kube nini umnyeni wami?

Dokotela: Cha empeleni yena izimpawu zokuthi usenconywana ziyabonakala, kanti futhi akaseyona ingozi njengasekuqaleni engaphuma nje anytime soon.

MaKhanyile: kwakuhle ukuzwa lokho, ngicela ukuthi uma senimkhipha ningazise ngizomlanda nansi nombolo yami yocingo.

Dokotela: kulungile sizokwenza njalo (embuka emamatheka)

Makhanyile: baba sengiyahamba uzoba ncono uyezwa? N**i nezithelo ebengikuphathele zona (elula isandla emnika)

Langa: kwande nkosazane lapho uthathe khona, ave ulungile ungikhumbuza inkosikazi yami eyadlulayo (embuka emamatheka)

Wamamatheka nomaKhanyile embuka, wabe esemushiya wabuyela kwakhe. Elokhu eya nje ejampisa izinsuku umaKhanyile ukuyobona uLanga. Kuthe sekudlule iviki elilodwa udokotela wamtshela ukuthi uLanga usekulungele ukubuyela ekhaya, wajabula kakhulu umaKhanyile wamthatha nebala wahamba naye.

Kusedolobheni eDundee uNtombifuthi uzohlangana nommeli wakhe uZoleka, uhleli kwenye yezitolo ezidayisa ukudla, uphuza ijusi ebansayo (juice) emva kwesikhathi efikile lapha aqhamuke uZoleka.

Ntombifuthi: hawu ayicha bese ngithi ngiyahamba, is that how you work, keeping your clients waiting for such a long time? This is unprofessional you can't run the business like that! Uzoluza ama client ngiyakutshela (Esho ngolaka)

Zoleka: I'm so sorry Mrs Langa ngibanjwe itraffic, let's get to work isikhathi already sesidliwe yinja and I am dashing somewhere else, I have a meeting ngo2 pm

Ntombifuthi: okay nginike okungokwami nami ngifuna ukusale sengidlula kuye uLanga ngiyomnika lamaphepha ukuba awasayine!

Zoleka: not so fast my dear darling money first! (Embuka ezinhlamvini zamehlo)

Ntombifuthi: ikhona imali Zola, nawe ungakhulumi ngengulube isesakeni ngicela ukubona amaphepha kuqala!

Zoleka: okay here we go, (ewakhipha esikhwameni emnika)

Awamukele uNtombifuthi emamatheka, awafunde.

Ntombifuthi: Ayi ngiyabonga ntombi wenze umsebenzi oncomekayo! Nansi imali yakho (ekhipha imvilophu enkulu ensundu emnika)

Zoleka: (ayemukele, bese eyivula eyibuka) Ayibo Mrs Langa, lemali ayiphelele moes, akuyona imali esasivumelene ngayo lena! Ikuphi enye? (Ebuza ekhulumela phansi ngolaka)

Ntombifuthi: yeyi enye imali ngibhadale lesikhathi sami osidlile ngokufika late lapha! Time is money sesi! Ngiyethemba nawe njengegqwetha uyakwazi lokho! And beside awukwazi ukungibiza imali engaka ube uphula umthetho this is illegal uyazi nawe! Ungaboshwa izandla nezinyawo uma nje ulimi lwami lungake lushelele angithi? (Embuka edonsa isikhwama sakhe ethi uyasukuma uyahamba )

Zoleka: weNtombifuthi I dare you double cross me! (Eqhaqha kancane iT-shirt embonisa isbhamu) hlala phansi mina nawe we have unfinished business! (Embuka ngeso lomthakathi)

Ntombifuthi: (wethuka woma uNtombifuthi uma ebona isbhamu) A...aa.....ayi ngodlame phela ntombo! Hawu I'm just joking (ezihlekisa ubala)

Zoleka: good girl! (Embuka emamatheka )

Iyaqhubeka

12/09/2021

Sqephu 37 isihloko UJESU UFIKA EKUSENI

Umbhali Mayor Mnikelo Malinga

Afike kwakhe uNtombifuthi engathukuthele ethelwe ngezibonkolo, angene esegaklaza izicabha.

Mambhele: Yeyeni ungabulali izicabha wentombi! Kwenzenjani wanolaka olungaka?

Ntombifuthi: Ayi yazi we mama, akuyilomthakathi ongumaKhanyile! Yazi lowamfazi kwale kangaka nje ukuthi ngimubambe ngalezi zami izandla! Yeyi iyeyisa nansinto!

Mambhele: wenzeni manje lowomthakathi? Akawasayinanga amaphepha?

Ntombifuthi: Lutho mama futhi kukhona okungaphezulu kwalokho! Uthe uma ngifuna asayine lamaphepha amulande noLanga kube nguye omtshela lokho ayi mina! Yazi ngicabanga ukuthi siyomkhipha uLanga lapha esbhedlela azohlala nathi ukuze yonke into ilunge!

Mambhele: cha cha mntanami ngeke kulunge kanjalo, lomuthi phela kwathiwa ubhekwe uyingozi kabi..

Ntombifuthi: Ayibo mama awume kancane umuthi kwathiwa uyingozi kusho bani? Ngoba the last time I checked bekungakaziwa ukuthi yini imbangela yokugula kukamnyeni wami! (Emungena emlonyeni ebuza emangele emubheke ezinhlamvini zamehlo)

Mambhele: hawu Ntombifuthi angithi amaphoyisa akubeka kwacaca ukuthi lomuntu uzoba yingozi kithi nasempahakathini nakuye uqobo!

Ntombifuthi: Yebo ngiyakwazi lokho elomuthi pho wena ulithahaphi mama, ngabe khona into ongifihlela yona? (Embuka eswacile)

Mambhele: Awu nakhoke usekimike manje, kwenzeke iphutha webantu ngakhuluma ngemithi! Asidlule kulento sikhulume ngezibalulekile, kuzokwenzakalani manje ngendaba kamaKhanyie? Mina bengicabanga ukuthi avele agudluzwe, ukhona umuntu engimaziyo ongayenza isheshe lento!

Ntombifuthi: Simbulale? Ayibo mama ngeke kulunge kanjalo, angikhohlakele phela mina ngaleyondlela ukuthi sengingakhipha umphefumulo womunye umuntu ngalezi zami izandla! Awungeke mama angivumi! (Emuqwebulele amehlo)

Mambhele: Ayike yiza nelakhoke icebo, kuzokwenziwa njani? (Ebuza embuka emehlweni)

Ntombifuthi: Ngizolala phezu kwalo icebo mama, akunamuntu okumele afe kodwa!

*******************
Ummeli ucathi ussehhovisi (office) Langa afonele umaKhanyie amazise ngezindaba azitholile ngomnyeni wakhe, lukhale ucingo nebala ngalena.

"Makhanyile hello"

Nathi Ntshangase: yebo Mrs Langa, ngithi angikwazise lapha mayelana nomnyeni wakho.

"Ngiphuthume mnumzane kwenzakalani ngomnyeni wami? (Ebuza ethukile)

Nathi: unfortunately I have bad news...

"Hawu kodwa nkosiyami usemenzeni umnyeni wami uNtombifuthi? (Esho ngezwi elidlengezela izinyembezi emungena emlonyeni )

Nathi: usesbhedlelao umnyeni wakho sabantu abangaphathekile kahle ngokwenqondo.

" What? Into yanini leyo kusiphi isibhedlela? (Ebuza ethukile)

Nathi: bathi kumqale emasontweni amathathu awedlule, ngiyabonga yilokhoke ebengifuna ukukwazisa khona, usale kahle. (Luvaleke ucingo)

Makhanyile: (ehayiza yedwa endlini) aweee kodwa Ntombifuthi engabe umenzeni umnyeni wami? Kuzomele ngiyombona uLanga.

Nangempela ngakusasa ekuseni avukele khona umaKhanyile esbhedlela.

Ethi engena nje umaKhanyile lapho kukhona khona uLanga avele agxume uLanga asuke inhlamvu eyomanga

Langa: hawu nkosiyami! adewethu uNomalanga kade ngakugcina ufike Nini lapha? Embuka emamatheka

Iyaqhubeka

Address

Mndeni Primary School, Mahlabathini , Wasbank, PO Box 163
Ladysmith
2920

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Welile Sisanda Malinga's novels and drama posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Welile Sisanda Malinga's novels and drama:

Share