Nathy Mthambisi Mkhize

Nathy Mthambisi Mkhize Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Nathy Mthambisi Mkhize, Pietermaritzburg.

πŸ‘ŒπŸ‘ŒπŸ‘Œ kancane kancane
24/02/2021

πŸ‘ŒπŸ‘ŒπŸ‘Œ kancane kancane

24/02/2021

Nisekhona South Africa

Ikhosi alipheli moya ✌✌✌✌✌😍
26/09/2020

Ikhosi alipheli moya ✌✌✌✌✌😍

R.I.P My brother my Friend Fihlezakhe Mnomiya😭😭😭😭😭😭
12/09/2020

R.I.P My brother my Friend Fihlezakhe Mnomiya😭😭😭😭😭😭

Amakhosa AseMbo asikho isihlala esiphilayo esingenazi uzimpande .
04/09/2020

Amakhosa AseMbo asikho isihlala esiphilayo esingenazi uzimpande .

24/08/2020

Bangani bami ngiyanithanda kakhulu futhi & ngisezinhlelweni ezinhle zokuthi nikwazi ukuthola uzindaba usuku nosuku . Ngiyazi ninakho ukudideka nokudikibala njengoba ngingasabhali nje

Izizathu zibe ziningi okuhlanganisa nomsebenzi kodwa ngiyethemba kuzolunga yonke into soon

Ngibonga angiqedi ukungwseka kwenu πŸ˜πŸ˜πŸ˜πŸ˜πŸ’‹πŸ’‹πŸ’‹πŸ™πŸ™πŸ™πŸ™πŸ™πŸ™πŸ™πŸ™πŸ™πŸ™πŸ™πŸ™πŸ€”

16/08/2020

πŸ’•β€πŸ’“

07/08/2020



ISIQEPHU 22

Mboma kaMqhele nakhu ngithola ucingo oluthi angiphuthume ngabe sekwenzenjani * kubuza ubaba ka Menzi ethukile * ujuluke umanzi kwazise akazi sekufebani njengoba efonelwa ngokushesha okungaka . Cha Lushozi ehlisa amaphaphu akufemuntu 'ngizocela ungene kulendlu yakwa Gogo engenhla kwesibaya kesidlane indlebe kancane ngaloludaba esikubizele lona ngokuphuthuma nje . Kulungile Mathula angingene endleni ( ezama ukwehlisa umaphaphu nokwethuka ) athi mengema endlini azithele kuMenzi emsamu eboshwe izandla nezinyawo ngentambo" athuke kakhulu uLushozi ebona indodana yakhe ikhulekiwe . Baba ngiyaxolisa kusho uMenzi ekhala" yini ndodana kwenzenjani . Engakaphenduli kungene abomndeni wakwa Sikhakhane kubo kaNothando.

Cha Lushozi sinenkinga layikhaya ubona sikufonela nje, sizoxolisa ukuthi sikuthathele phezulu kodwa nathi akukho ebesingakwenza ngaphandle kwakho . Sodedela induna ichaze konke ngoba nansi ikhona phakathi kwethu siyibizile * isho ichaza konke okwenzekile mayelana noNothando nezenzo ezimbi eziholele ekuthini kube nalenzukayikeyi esikhona manje .

Zivele zehle izinyembezi kuLushozi " athi ndoda awungiphoxanga ungishefeletile, Mboma mtaka Nzimase lengane ingenzani endaweni sakhile" ubushimane lobu noma usengenwe usathane zimu ? Kuphendule induna Lushozi angeke sande kkhulu nodaba ngoba uyindoda esiyaziyo nesakhelene nayo " ngomthetho kumele ngabe sikuthwesa ugodo olushunqa intutho namalangabi ngesenzo sendodana yakho kodwa ngenxa yokuthi siyakwazi ungumuntu wasendaweni . Sicela ukuthi ukhiphe umali yokwelapha uNothando, bese ukhipha inkomo yokugeza umuzi wakoMathula . Indodana yakho sizoyihlawulisa izinkomo ezimbi zamandla ayo koba kuwe ukuthi uyayilekelela yini" kodwa esikufunayo ukuthi inhlawule lamanyala nehlazo elenze kulendawona nasemzini kaSikhakhane ngiyethemba siyezwana . Ngiyakuzwa nduna kodwa ngisazike ngifike ekhaya ngiqhathanise ngibone kuphumani ngizonazisa .

Ujabule uMkhize injabulo lena ibuzwe kuye kwazise uphuny

07/08/2020

Kunjani bangani kusuka Monday izindaba ziyabuya .Nothando & Cijimpi is back .

12/07/2020

Sanibonani South Africa πŸ‡ΏπŸ‡¦πŸ‡ΏπŸ‡¦πŸ‡ΏπŸ‡¦πŸ‡ΏπŸ‡¦
Nisekhona nje bangani ?πŸ’•πŸ’•πŸ’•

19/06/2020

Qala kusiqephu 13 Part 1πŸ™πŸ™πŸ‡ΏπŸ‡¦πŸ‡ΏπŸ‡¦πŸ‡ΏπŸ‡¦πŸ‡ΏπŸ‡¦πŸ‡ΏπŸ‡¦πŸ‡ΏπŸ‡¦πŸ‡ΏπŸ‡¦



ISIQEPHU 13 ( Part 2 😍)

Hawu baze kanjani ukuthi imina othathe ingane bavele baqonda umuzi waminje , kubuza uNgema . Angithi ilokhu ukubhayiza kwakho siphi isigqoko sakho ? Angithi uyabhayi akuwena olahle isigqoko sakho esangweni lakwaNzuza" uyayibona inkinga osusidalele yona manje usuqala lemikhuba eyayenziwa uMaseveni" kulungile salanani lana ngisayolanda iNyanga sizoqala umsebenzi ngokusheshe nansi nalengane isiqala ukutetema kusho uNgubane ngolaka engena emotweni ehamba .

Cijimpi sahamba kangaka kanti usisaphi kubuza amaphoyisa . Sesiyafika madoda ngizocela nihlome nibe izingovolo sizozama ukuthi sishiye imoto kude bese sicathama ngezinyawo kuze masibafica kuzoba lula ukubabamba" misa imoto sesifikile kusho uCijimpi emaphoyiseni. Behle becathame bethi mabesondela bezwe ingane ikhala ehlathini" niyayizwa leyonto ekhalayo la ehlathini ekhalisa okwengane . Basonde kancane kancane bebone kunomlilo okhanyayo ehlathi kubonakala nezithunzi zabantu . Madoda asigasele asitheleke bengakayibulali ingane mhlampe sebeyabulala nje kusho uCijimpi. Ngingabe nisanyakaza madodo selidume lanithatha" senibanjiwe kusho amaphoyisa ekhombe oNgema ngezibhamu asondele amaphoyisa" uGadla adonse isibhamu akhombe ingane ngaso" nasondela ngiyayisakaza lengane ngiyichitha ubuchopho menifuna lengane kuzomele ningidedele ngihambe mina nomlungani wami uNgema .

UNgubane usendleleni ebuyayo njengoba ebelande inyanga ukuze bezokwenza ingane kaMbali umhlatshelo wokukhuphula amandla kaNgubane incebo , ukwesatshwa nokuthandwa nje umphakathi . Ndoda beka phansi isibhamu kusho amaphoyisa kuGadla" ngeke ngisibeke lesibhamu meningenzi izinhlelo zokuthi ngigibele emontweni yami ngihambe nisale nengane yenu . ONgema abamboni uCijimpi olokhu ecathame njalo emvakwabo njengoba bona benake amaphoyisa nje" asondole agxume kakhulu abambe uGadla kube ubugunqugunqu ongaphansi nongaphezulu bebanga jsibhamu πŸ˜πŸ™πŸ™πŸ‡Ώ

19/06/2020



ISIQEPHU 13

Kuyaphithizela kwaNzuza njengoba amaphoyisa asefikile kanye neNduna yendawo . Sinjabula ukuthi nisheshe nafika bantu bomthetho sinenkinga lana silahlekelwe ingane kaMbali entshontshwe ebusuku elele nayo . Sithe masiphuma sizungeza langaphandle" sabona ukukhombisa ukuthi kunento eshisiwe phambi komnyango nasemawindini" sisaqhubeka noCijimpi sibe sesithola nasi isigqoko ngasesangweni, sasicosha ngothi sasibeka la ( kuchaza uNzuza ubaba kaMbali emaphoyiseni naseNduneni )

Ngena ngathi kukhona imoto edumayo asithembe sekuyena umlungu" phela sesinesikhathi silindile engaqhamuki uNgubane" uqinisile nansi lemoto isonde mana thatha isibhamu sakho baba kuze makungeyena sizokwazi ukuzivikela, nalengane isiyoze ivuke bese ilibala ukusitetemela la . Wemandoda velani nicashe ngaphi uNgubane ememeza sakuhleba uNgema noGadla" singapha Somahhashi . Esondela uNgubane hawu madodo senibuye nawo umhlabelo" muhle umsebenzi wenu uyancomeka kothi kusa siyobe siqede konke saphuma la ehlathini . Manje mlungu amaphoyisa akukho akusolayo noma abakwaNzuza kubuza uGadla . Okwamanje angikezwa lutho madoda kodwa iNduna ithe izosazisa konke okwenzekayo njengoba beyibizile kwaNzuza

Ngizocela bantu bomthetho abanye bazophuthuma emzini kaNgema bayobheka khona ngizocela iNduna ihambe namaphoyisa amanye noNzuza" khona manje phuthumani . Mina ngizosala lana namanye amaphoyisa sibheke kahle. Kulelihlathi elingaphandle komuzi" kubeka uCijimpi ngombono wakhe . Nangempe bavumelane ngokushesha baphuthume kwaNgema .

Bantu bomthetho mina njengendoda ekhulele lana negugela khona okuningi ngiyakwazi" ngicela singabheki kulelihlathi ngicela siphuthume ehlathini lakubulawa khona abantu imihla namalanga ehlathini lase mphelandaba kwaGazi lichitheka emini . Mhlampe kukhona umkhondo esingawuthola kusho uCijimpi emaphoyiseni asele nawo .

Azungeze umuzi kaNgema emaphoyiseni amaphoyisa esondela kancane kuyakhanya endlini kaNgema , afike anqonqoze kungakhulumi muntu" vula ndoda sobala kahlanu mungavuli siyawukhahlela umnyango" abale emaphoyiseni luthu ukuvulwa bawukhahlele umnyango usakazeke bangene phakathi" bebhele amakamele onke lutho uNgema akekho .

Mbomvu zamani ukuthi nisheshelapho ngoba inkunku iyawusola ugqakazo njengoba kumanje sikwaNgema sizombheka" kwazise kutholakale isigqoko sakhe esangweni kwaNzuza , kodwa khululekani kozowalahla umkhondo amaphoyisa iNduna ixoxa noNgubane ocungweni .

Ngema amaphoyisa asegasele emzini wakho" kushubile madoda πŸ™„

Address

Pietermaritzburg

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Nathy Mthambisi Mkhize posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share