24/03/2026
UKUGEZA MAKUSHONIWE
Ugobela wami ushonelwa ingane yakhe yentombazane, sakhuphuka sonke amathwasa kaMaNgcobo sashona khona eNatal, Newcastle for the funeral. Ngakhona nokubona ama senior who initiated long before mina. Sathi sibuya emathuneni, wathuma abafana to slaughter a goat, waqeda wahlanganisa imithi yokugeza. She instructed everyone (amathwasa wonke) to gather endumeni, lapho wasihlukanisela umuthi ukuthi sigeze. Sathi sibuyela emuva emakhaya, ezindumbeni zethu, besihlambulukile.
Mina ke ngoba ngiyinzalo yaseGoli, ngizohlala nginemibuzo. Ngathola ithuba ngambuza ukuthi kungani asinike into yokugeza immediately sibuya emathuneni. Yachaza intombi endala ukuthi, most of us have izindumba and patients under our care, singathi masifika emakhaya bese sisindwa ubumnyama besifo sakhe. Kungabi inkinga yethu masifika emakhaya ukuthi siyogeza ngani (isilwane), umuntu azithole sekungasangeni abantu esigodlweni sakhe.
Ngathi ngibuya ekhaya from emgcwabeni eNewcastle, ngafika ngathola izigulane zingilindile, uphawu lokuthi ngempela umuntu wayehlambulukile.
NB: Umuntu womoya akadlaleli kuma funerals ngathi uya eMall, amathuna indawo ejule kakhulu. Yingakho sihambe sithuke thina masibona omakhosi befake ubuhlalu weekend in and out ba busy ngama funeral, kodwa sizowathini ama Slay Healer ngoba si old school thina.
UMUTHI WOKUGEZA MAKUSHONIWE
Intolwane
Madlozana
Isiqunga
Jundu Mlahleni usefile
Mphendulo