28/04/2020
Lide kakhulu ibanga elihanjwa uBhekizitha lapho izikolokolwana zangakubo sezimehlisile endaweni ebuqamama namakhaya okuyiyona ndawo ebizwa ngesitobhu esikhulu ngakubo. Kube Kabi ke futhi namuhla ngoba nesimo sezulu sithanda ukuba muncwana. Phela unkabi Lo ugibele nje eMkuze ebona Kahle ukuthi nangalena kwentaba kungenzeka ukuthi liyayibhidla. Ingani kuye kwaphuka kwasambulela leso ezama ukuphuthuma imoto yokugcina ephumayo ngehora lesithupha kwazise sekwahlwa ngomnyama phela nakuba ke izwe lingakabi libi kangako ngakubo. Nebala ke imoto leyo uye wayibamba isisithela ebhawuzini lapho yetha khona isicimalambu ifakwe nomoya owanele emasondweni ayo ukuze ingabi nankinga lapho iqola izintaba ilibangise eMhlekazi. Nebala bambone eseza kujana ethushuka nemithwalo ethi mayithi xaxa abebegibele bamshayela sakunqonqoza efasiteleni lomshayeli naye waphenduka masisha base bemcela ukuba amele nangu umfana kaSithole ozogibela futhi obukeka ephethe kabuhlungwana.
Nebala kwaba njalo naye kwaba ukugibela emotweni wazibongela wanconcoza kubagibeli bemoto kaMphazima yase isuka njalo nayo ngokungachithi sikhathi yasho iwabhekisa khona amabombo kwelezimbidla ezimashoba. Babodwa abakhanyiselana ngomakhalekhukhwini beqinisekisa ukuba ngabe ayikho yini impahla yabo esale ngephutha phansi njengoba imoto isinebangana isukile esitendeni Sabo kanti babodwa abakhalaza ngokuba kungapicizwa izimpahla zabo ezithambile nezifayo ngoba phela sekucacile ukuba isibalo sokulayisha emotweni sesevile enanini elibekelwe. UBhekizitha selokhu aligobise njalo ikhanda sakubuka omunye woshekhasi agibele nabo Kanti lutho unkabi lo ubuye abe namahlonyana isidalo ngoba abantu banokumbona bemfanise namanye amabhungu akwabo bese begcina sebeyithola intuba yokumxina ngendathane yemibuzo ukuba kambe sebayaphi okanye sebatohela kuliphi osibanibani nosibanibani okuyizingane zendlu yakwabo. Namuhla ke ngathi kungaphezu kwalokho ngoba kusukela ekuseni bekulokhu kukhona nje into elokhu imhluphile ukuba akaye athi Uma esh