Inkondlo ezimnandi - luyanda ngcobo

Inkondlo ezimnandi - luyanda ngcobo EVERYONE IS WELCOME TO VISIT THIS PAGE ALSO SUPPORT ME

Good day everyone I just wann tell you all ukuthi nayi le ncwadi ekade siyi lindile if u need it WhatsApp me 0676746431
18/03/2025

Good day everyone I just wann tell you all ukuthi nayi le ncwadi ekade siyi lindile if u need it WhatsApp me 0676746431

25/03/2024

Hello guys

24/02/2024

Ama feelings wakho

Lolu thando lakho enginalo luhlukumeza eyami inhliziyo kepha wena awuboni inkinga ngiyosaba ukuzibika kuwe ngoba ngiyacabanga ukuthi hlasipe uyongiphoxa..inkinga ukuthi mina umuntu uma ngimtshene ukuthi ngiyamthanda ngiye ngifise sengathi angangi qhoma manje wena ngiyabona ukuthi uzongi gabha...

Ama feelings wakho

Mina angazi ukuthi ngenze njani mangikubona eyami inhliziyo igaya izibozi ngibone ukuthi idada emafutheni kepha wena awuboni....uma ngizwa elakho iphimbo kuba ngathi ngiya sangana ekhanda oh kungani wena ungasazikheli kwezakho ngoba nawe hayi ukuthi awuboni uyabona kepha uthule..tshena mina nkosazana ingabe awuludingi yini uthando?yebo wumbuzo lona udinga imphendula ngiyazi awuzungi phendula uyothula ungibuke singathi ngiyahlanya.

Hlasipe ngiyaphupha uma kunjalo ngiyacela ningivuse ngingaze ngiphuphe ngize ngizi chamele,nijwayele ukuthi umuntu uma umthanda ubonisa nge zenzo ngizamile ukumbonisa kodwa kwa nhlanga zimuka no moya.lama feelings wakho seyoze athathwe wu muntu ozofika adlale ngami nawe uthole ozodlala ngawe.yazi ibuhlungu le ndaba kepha awuyizwa mina iyangidla weeeh ntokazi qhoma ngafa wuthando lakho ama feelings wakho ayakhuluma kepha mina ngiyosaba ukukhuluma kuwe.

Sengiyoze ngikubhalele inkondlo futhi ngiyazi leyo nkondlo angeke ucabange ukuthi iza kuwe uzozi tshena ukuthi bengihaye nje kuba kuswela engizokwenza...ngiswela imali ngabe ngiyakuthenga noma osangi thandanga ngikuthenge ukuthi ngikubone njalo umamatheka eduze kwami kepha ngithi ama feelings wakho

Luyas-da poet

05/01/2024

Hello my people nali elinye I page lami short stories by luyanda Ngcobo wozani nakuyo

23/12/2023

Ingane zami zangilahlisa okwenja

Ngibhala le nkondlo awami amehlo agcwebe izinyembezi inhliziyo idada emanzi ubuthongo angibuthi quthuthu ngenxa ye ngane zami.ngikhulise ingane zami kanzima ngisokola kepha ngangi zama ngakho konke eku semandleni wami ukuthi ziphile impilo engcono zifane nezinye ingane,ngangi qinisekisa ukuthi azilali zingadlile ngoba ngithi ngizenzela impilo engcono.

Ezami ingane zangilahlisa okwenja

Uma ngicabanga impilo engiyi philayo namhlanje ngiye ngiswele amazwi engingawa phimisa ngibe ngiwa bhekise ezinganeni zami angifune ukuyi qalekisa kepha ngiyafisa ukuthi ngikhulume.namhlanje ngilala engisigangeni ngenxa ye ngane engangithi ngiyenza umuntu...lendaba yaqala kancane ngayithatha ngokuthi ziyadlala ngingazi ukuthi ekugcineni izoba yiqiniso

Ngihlezi lana engikhona angisenawo nama themba nge mpilo yami futhi angiboni ukuthi ngiyophinde ngiphumelele empilweni ngoba neminyeka isihambile..kepha isigwebo esisangi hlalele sise side kakhulu,ngangithi ngiwu baba oqotho kwe zami ingane Kant ngiyadlala.

Ezami ingane zangilahlisa okwenja

Ingane zami zangibheca ngo bende kepha inyama ngingayi dlanga zithi mina ngiyazi dlwengula ngazama ukukhuluma kepha icala langi lahla 2day I'm behind the bars ngifela amacala engawenzanga ngangithi ngitshala uthando kant ngitshala inzondo sengethembe umdali ukuthi uzongihlenga

Ezami ingane zangilahlisa okwenja

Luyas da-poet

22/12/2023

Follow my page den I"ll pay

Short stories by luyanda Ngcobo

19/12/2023

Ngicela u Minnie dlamini angi inbox please

13/12/2023

Baba vuka ngi phasile

Baba wami vuka ubuke ngiphasile nge ndlela engenze kahle nga khona ngiye thembisa ama phupho wakho ngiyowa fezekisa,leli khaya ngiyolivusa ize thembiso engazenza kuwe ngiyozifeza. Ngithe uma ngisondela eduze kwakhe ubaba ngithi hlasipe uyoze avuse ikhanda uma ezwa ngikhuluma kamnandi kepha kwa ntlanga zimuka no moya,ngithe uma ngithi ngiyamnyakazisa unyakaza wonke.

Azange ngibuze muntu ngazikhela kwe zami ukuthi baba akasekho ngabona nge nyembezi zizehlela kobami ubuso,emhlabeni kwase kuwuyena yedwa enginaye empilweni yami.

Bazamile ukungi duduza abantu kepha konke ababeku khuluma ngangi ngakuzwa ngoba ngingi cabanga nge mpilo yami engizoyi phila enga jwayelekile neze,nge langa lesi fihlo kwaku ngathi kusazo phindwe kuthiwe usazovuka usalele okwe sikhashane.ngangi ne themba ukuthi owami ubaba ngiyom philisa ngeziqu zami zobudokotela

Baba baba vuka buka ngi phasile

11/12/2023

Hey guys anyone odinga my single poem give me your number

22/07/2023

Hello good people hopefully you all okay I just wanna inform you that I'm cooking something 🤞🥰I"ll dish up once I'm done

06/04/2023

Ngabulala owami umama ngenzenzo angazi thandi

Mama wami ngiyakhumbula angisakhoni ukuthi ngilale obehlayo ubuthongo yebo ngiyazi ukuthi awusekho lana emhlabeni kungenxa yezenzo zami eyakho inhliziyo ngayephule kulandelelana,amacala ngami uwakhulumile amacala bengena left and right uzama ngandlela Zonke ukuthi ingibition kele

Mama buya noma kunge phupho ngiyakudinga ngenkathi usaphila nganga ngakuboni ukubaluleka kwakho kepha manje umhlaba ungehlule impilo ingijikele kwakubu hlungu uguliswa yimi uyinhlekisa emphakathi abanye omama bephuza I tea ngawe ngenxa yamaphutha wami...

Ntombi endala ngicela ungixolele ngicela ungitshengise indlela..... Nami ntangeniwa ukuthi ngiyi ngqne kepha manje ngiye. Hluleka inyembezi zihlezi zigobhoza emehlweni wami xola ntombi endala Lala uphumule bathi umhlaba awunoni usithathela ama qhawe akithi nganti ngazi thathela iqhawe lami

Luyac da poet

Address

Www. Ngcoboluyah@gmail. Com
Durban

Telephone

+27832391617

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Inkondlo ezimnandi - luyanda ngcobo posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share