Student & Human Right Union

Student & Human Right Union Leaders are people who can positively influence other; we are very excited to know more about you.

Please to fill the survey form and application form to become a full member of the union, on the link

07/12/2021

Zulu, nali iqembu le Nkatha yeNkululeko Yesizwe. Ucwaningo losopolitiki lithi iNkatha isizobuyela emandleni ngokuphelele lapha KwaZulu Natali ngo 2024. Loko bakusho ngoba iNkatha yiqembu elalinamandla kakhulu lapha KwaZulu Natali ngaphambi kokuba uZuma angenele ukhetho lobu mongameli we ANC, kangangokuba iNkatha yaliwina ngamalengiso ukhetho lango 1994-1999 la KZN. Kepha emva kokuba uMsholozi enziwe isekela la mongameli kanye no mongameli we ANC, yinqwaba yamalunga eNkatha ajoyina iANC. NoMntwana wakaPhindangene kavuma ngo 2009 emva kokuba iqembu lakhe lenze kabi okhethweni ukuthi inqwaba yamalunga eNkatha avotela iANC ngoba uZuma engumZulu hhayi ngoba beyithanda Ianc.

Njengoba uMsholozi esewile kuKhongolose, baningi ababuyele kwi IFP njengoba sibonile kulolukhetho lwangenyanga edlule, lapho khona iNkatha ishise izikhotha ezindaweni eziningi. Osocwaningo bePolitiki bathi iNkatha ezakwenza okungaphezulu kwaloku ngo 2024 isithathe sonke isifundazwe njengoba kusobala ukuthi akusophinde kubekhona umZulu ozohola ukhongolose kuleminyaka ezayo.

Uma osocwaningo bePolitiki beqinisile ukuthi iNkatha izabuyela emandleni ngokuphelele e KZN ngo 2024, kusho ukuthini loko kithina maZulu esifuna Ikzn izimele? Uma ufunda izimiso zeqembu leNkatha, iNkatha ikholelwa kwi-Federalism, okungukuthi izifundazwe kumele zibe namandla abanzi okuzimela (greater provincial autonomy). Loku kuchaza ukuthi izifundazwe mazibe namalungelo okuba okwakha imithetho yazo, njengoba sibona nase America ama-States akhona azimele anemithetho yawo kodwa abumbene kwi Federal Government.

Kungakuhle yini iSouth Africa ibe yi-Federative State njengoba ifuna iNkatha, yebo noma cha?

29/11/2021
01/09/2021

General work

Address

21 Ziphethe Street Ntuzuma G476
Durban

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Student & Human Right Union posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Student & Human Right Union:

Share