29/08/2025
BABAZANI BO!! # PART 10
"Alwande mfethu ngididekile, ngyazi usazongixoxela ukuthi bekwenzakalani lapho, but le nkinga yami can not wait." kuchaza uSneh efonini ezwakala ukuthi ukhathazekile. "Hay bo sekwenzakaleni manje chomie?" kubuza uAlwande ngokumangala.
"Eish Oe kade ngenza ipreg test, and its positive, ngikhulelwe mfethu and ekaSfiso ingane, he is the only person engisanda kulala naye and we didn't use protection." kuchaza uSneh ngezwi elinokukhathazeka.
"Iyooh! Ay kushubile-ke Oe, ngoba ubaba wengane yakho usejele sikhuluma nje, ubophiswe uThembeka uthi umdlwengulile ngikuxoxele mngani." "Hay bo Alwande mfethu, you are kidding right??" kubuza uSneh engayikholwa kahle le mbudane ayixoxelwa nguAlwande. "I wish I was kidding oe, unfortunately I'm not." kuphendula uAlwande.
"Hhaybo!! lalela-ke mngani ngicela siyixoxe kahle kuwhatsapp lendaba i airtime yami isiyaphela, hhay ngzoke ngizwe." Esho evala ucingo qede engena ngokushesha kuwhatsapp uSneh. Nebala baxoxa-ke.
Baphela lapho-ke ubungani phakathi kukaAlwande, Sneh noThembeka. The Three Mosquitos. Ngakusasa esikoleni uThembeka waphenduka inkomo idla yodwa, uSneh noAlwande bamuhlamuka baqhubeka bazwana bobabili.
Kwaphela usuku, laphela iviki kwaze kwagamanxa elesibili uSfiso esatokile, uAlwande noSneh bengaphezi ukuyoyibona bakithi intwana yabo okanye iSkeem sabo...okanye ubaba wengane kaSneh, okanye uChriss Brown waseMfundo High, noma iliphi kulamagama lisachaza yena belu uSfiso umfana wakwaMapholoba, igeza lakwaNgcobo, ohheee.
"Sfiso, I know mina nawe sasizigangela so I'm.not expecting ukuthi ungithande, but ngicela ube khona for ingane yethu, please Mapholoba." kuzicelela uSneh eqeda kuxoxela uSfiso ngendaba yokukhulelwa kwakhe. USne noAlwande basejele bavakashele uSfiso.
"Ngyakuzwa Sneh, ngeke ngiyilahle ingane, yona ayenzanga lutho ithina esaba budedengu sangasebenzisa ijazi." kuphendula uSfiso ejulile. "Wow ngyajabula ukukuzwa ukhuluma kanjalo, Sfiso, amazwi akho akhombisa ukukhula bengingawalindele kuwena yazi." kuphendula uSneh qede ehleka kancane.
"Uyabona-ke usuyangisukela, usho ukuthi mina angikaze ngiyikhulume nje into ephusile??" kuphendula uSfiso naye ehleka kancane. "Angisho njalo hawu!! " Kuphendula uSneh ebheke uSfiso qede emamatheka kancane. " Uzophuma lana wena Fisoh, yonke into izoba right I promise". USne ezama ukududuza uSfiso embambe izandla zombili sakuziphulula.
"Awukahle Sneh, mina yazi bengithi kade yaphela le-crush-nyana onayo with Sfiso. I thought yaphela the day uSfiso eshela uThembeka even though wawusumkhombise wonke ama-sign okuthi uyamfuna. Oe wahlulwa uThembeka make peace with that uyeke ukuzenza cheap hawu." Lawo ngamazwi kaAlwande owayecikwa yilento eyenziwa uSneh.
"Aw Alwande did u have to be so harsh mara?" kukhuza uSfiso. "Hawu ngyazidlalela wena Sneh, uyangazi nje nawe ukuthi ngibuye ngivukwe ukuhlanya kwami uma ngingawaphuzang
a amaphilisi." Kuphendula uAlwande qede bahleka bonke. "Awu ngikwazi kahle yingakho ngingasakunaki nje. Kodwa-ke cha ungitshelile chomie, wangi-giver yezwa" kuncokola uSneh, qede bevalelisa kuSfiso bahamba.
Kwathi sekuyophela iviki lesibili uThembeka waqala wezwa izinguquko angazitholi kahle emzimbeni wakhe, wanquma ukuya emtholampilo, nebala kwatholakala ukuthi uneviki nezinsukwana ekhululelwe, hebbana indaba ezothiwani lena. Wafika ekhaya wanquma ukungamubikeli unina ngale ndaba.
"Kuzomele ngizehlise koAlwande, ngixolele noSneh, ngibacele bangiphelezele siye kuSfiso ukuyosula icala, ngyazi ngeke angaxoli uSfiso ngoba naye uyafuna ukukhululeka. Lapho-ke ngzobe sengimtshela ukuthi ngikhulelwe. uAlwande noSneh ngeke ngiyithi vu kubona le yokukhulelwa bazozwa sengitshela uSfiso. Wow I cant wait ukubona uSfiso wami bakithi. One day sizobe sesiziphilela kamnandi again nengane yethu konke kuzobe sekungumlando." kucabanga uThembeka elele ngomhlane embhedeni egumbini lakhe lokulala.
Nebala ngakusasa esikoleni wazehlisa waxolisa kubangani bakhe uThembeka. Bamxolela bamphelezela baya kuSfiso. Nendaba yokukhulelwa kukaSneh abakaze bayithi vu kuThembeka. Bahamba-ke bakithi abangani abathathu behamba bexoxa behleka nje okusengathi.abazange baxabane. Bafika estoksini bacela uSfiso njengazo zonke izivakashi, nebala weza umfo kaMapholoba ehubhazela nge overall ephuzi njengasemihleni.
UThembeka wazizwa enokudabuka okuhambisana namahloni nokho wazama ukuzimamathekisa kwavele kwathi faca lezo zifaca bakithi, namehlo afana naweshayina avele aba mancane kakhulu uma ezimamathekisa efosta ezama ukuheha isthandwa sakhe, okanye i-ex yakhe, asazi.
"Awu!! Alwande awusangitsheli ukuthi niza ne-stranger namahlanje, unjani-ke MaNgema??" Kubingelela uSfiso emamatheka okusengathi.akw
enzakalanga lutho. "Ngyaphila babe, hawu bengisaba nokuza lana ngithi ungidinelwe yazi". Kuphendula uThembeka ngamahloni.
"Ay khululeka ngyaphuma vele kusasa, ummeli wami usezilungisile zonke izinto, so asisekho isidingo sokuthi ngiphatheke kabi, umuntu okumele aphatheke kabi nguwena ngoba ummeli wami ungidonse ngendlebe wathi uma ngingakuvuleli icala ngalento owayenzayo ngizobhekeka njengomuntu owakudlwengula ngempela, ngakho-ke ngyakucela sis wami zama ukuthola ummeli osezingeni ngempela okanye izinto zisazokushubela." uSfiso ezama ukuxwayisa uThembeka.
"Sfiso ngyaxolisa, ngize lana nje bengithi ngizosula icala, Im sorry Mapholoba ngicela ungangibophisi. ngicela ningixolisela Alwande noSneh."kuxolisa uThembeka zehla izinyembezi.
"Eish.Chomie ngabe siyakuxolisela manje nangu uSfiso uthi iLawyer ithe uma engalivuli icala uzobukeka njengomsolwa, eish sorry Oe nathi ayikho into esingayenza." kuchaza uAlwande. "Eish sorry mngani" kugcizelela uSneh.
"Sfiso, ngikhulelwe ingane yakho, ngizophila kanjani ejele ngikhulelwe?" kubuza uThembeka qede bonke bathuka babhekana. kwathi ukuthuleka umzuzwana, wabe esephendula uSfiso.
"Well bengikulindele lokho Thembeka, futhi akungithusi and ngeke kushintshe lutho. Well yize leyo ngane iyohlezi ingikhumbuza ngayo yonke lento oyenze kimi kodwa.angeke ngiyijezisele izenzo zakho, i will be there for ingane, but as for us, kuphelile obekusihlanganisile, angisoze ngakwethemba Thembeka. kwagama lakho alikufaneli unjalo nje unenhliziyo embi. I'm sure ejele uzobathola abanjengawe" kugonyuluka uSfiso.
Kusenjalo wabheka uSneh wathi ukumamatheka kancane uSfiso "Sneh ngyazi ukuthi wawungithanda even before ngithandane noThembeka but ngangakunaka ngoba ngikhangwa ingaphandle likaThembeka kanti angazi ukuthi ngaphakathi ugcwele izibungu. Well what we did that day was not planned for, but we both enjoyed, awulalanga nami ngenhloso yokungibophisa but wawungihalela and we both enjoyed, so atleast ingane yethu izongikhumbuza lolosuku, and angifuni ikhule ngaphandle kukababa therefore next week ngizocela ubaba athumele abakhongi ekhaya kini....I want us to build a happy relationship." nihambe kahle ngizonibona, sekumele ngibuyele ngaphakathi." Kuvalelisa uSfiso.
Kwathi akaziphose eweni uThembeka, umqondo kwaba sengathi uyama, wasukuma wazihudula kancane kancane eqonde emgaqweni omkhulu onguthela wayeka. Uhamba nje ushiya oAlwande noSneh bebambene bangana (hug) begxumagxuma bejabulelana emva kokuzwa indaba yabakhongi, abasanakanga nokuthi uThembeka akasekho lapho abekade ekhona......nan
guya uThembeka eyozithela kuFreeway!!! BABAZANI BO!!!
,
IYAPHELA!!!
Ibhalwe: Sphah Propoet Iciko Xaba
Copy rights reserved