Way makers ellpee Pty ltd

Way makers ellpee Pty ltd Writer I'm selling chicken R75 each

05/08/2025

Uma ilanga lishona kuvele kufike usizi🥺 angiyifiseli muntu lempilo

Angisena shelter againKubuhlungu ukusokola bafethu, ngizama nokudayisa ama perfumes akulungi lutho engikuthintayo😭💔 kunz...
05/08/2025

Angisena shelter again
Kubuhlungu ukusokola bafethu, ngizama nokudayisa ama perfumes akulungi lutho engikuthintayo😭💔 kunzima

04/08/2025

Izindlu zodaka P5

Ugogo wangichazela ukuthi bekufike uthishomkhulu ekhaya ezocela ukuba mangiyohlala kwakhe isikhashana ngoba naye unengane yomfana ecishe ilingane nami iyabhoreka kanti ingajabula Uma ingaba nomuntu onguntanga yakhe.

Kwabanzima Kimi lokho ukuthi ngizohlala kanjani nomuntu engimhlonipha kangaka, futhi ungu thishomkhulu wami. Ngakhathazeka ngempela ngizibuza ukuthi ngizokhululeka kodwa? Ngiyoqala impilo entsha eyi kwaba nzima kodwa kukho konke yabakhona injabulo encane ehamba novalo.

Kwafika usuku lwakusasa kwathi ekuseni siqeda ukuthandaza wangibiza uthishomkhulu wathi ubekhuluma nonkosikazi wakhe bathe bazofika bazongilanda ekhaya makuphuma isikole. Ngakho angibolungisa ngisheshe futhi ukufika ekhaya ntambamba.

Ngabona ukuthi loludaba alusahleleli emuva ayi nami ngavuma akukho engangingakusho. Nangempela saphuma isikole ngaphuthuma ekhaya akuphelanga ngisho isikhathi esingakanani kanti nabo bazofika sebezongilanda ekhaya.

Waphatheka kabi umfowethu omncane, wabe esethi unkosikazi Ka thishomkhulu akasale nogogo Lona omunye uzovakasha ngama weekend bazomulanda. Naye waba nokududuzeka ukuthi uzofika azovakasha la ngiyohlala khona

Sahamba saqala edrobheni ngathengelwa impahla ezintsha, izicathulo nokudla ebengihlezi ngikubukela kude ngithi nami ngelinye ilanga mhla ngasebenza ngizobe ngidla lokudla nomndeni wami. Kwasho khona ukuthi uNkulunkulu usesheshe wangidekela khona.

Ngadla sibe sihamba sibheke khona emzini wakhe uthishomkhulu ngafika samthola lomfana ebengitshelwe ngaye nomunye usisi owayesebenza khona lapha ekhaya. Ngafike ngamukelwa ngezandla, nangezinhliziyo ezimhlophe nengane yabo yakhombisa ukungithanda yajabula kakhulu Uma ingibona.

Ngisho ukusaba lokhu ebenginakho sekuvele kwaphela, sathi masifika ekhaya uthishomkhulu waba ubaba Kimi onamahlaya ngisho Uma benza into babesenzela sobabili nengane yabo kwakungathi sengiyiwele, senginane phone into engangingayazi mina, ngilala embhedeni,ngigeza kwi shower yonke into yaba iphupho Kimi

04/08/2025

Izindlu zodaka P4

Ngathi mangimchazela ugogo ngaloludaba olushiwo obaba Kimi akazange aze ajabule ngalendlela yokuthi wavele wasuka waya kuye eyomtshela ukuthi "lengane iyona esiyithemba lethu, usufuna manje ingane iyeke isikol ifane nawe iphilele utshwala nalabafazi abagugile obuya nabo ematshwaleni? Angeke ize iyeke lengane isikole izoqhubeka ifunde"

Wavele wathi ubaba "mina lezingane ngoba azingilaleli amahlongandlebe ngiphumile kuzo, Noma kwenzakalani mina ningangifaki"

Kwababuhlungu ukuzwa ubaba ekhuluma lamagama awashoyo Kithi. Kodwa ugogo akazange aze alilahle ithemba Kithi ngoba Waze wamtshela ubaba ukuthi "vele Noma ungaphuma awuzazi nokuthi ziyini lezingane, ukuthi ziyadla, ziyagqoka Noma zilala phandle awunandaba kuphela into efika ekhanda lakho abafazi no tshwala"

Indlela ugogo ayesithanda ngayo yayingachazeki, wancamela ukuthi alahle ingane yakhe ayizalayo athande thina, wazise asisenamama siyithi nje nogogo🥺.

Lashona ilanga kwasa sabuyela esikoleni lapho kwafika khona uthishomkhulu eklasini ezongibheka ukuthi kuyafundeka yini. Wacela nezincwadi zami zonke wahamba nazo Waze wazibuyisa nge break.

Kwangithusa kakhulu ukuthi kungani uthishomkhulu ezothatha izincwadi zami. Kuthi nge break esethumela ingane ukuba ilethe izincwadi iphinde ingibizi. Ayi ngiye office lakhe afike angihlalise phansi athi. "Kuyafundeka kodwa ndoda?" Nami ngithi ayi akufani ngiyancenga.

Wabe esethi ngiyabona I term yokuqala ubuza kahle inkinga isikuphi manje? " Nam ngamchazela ukuthi ngiyahlukumezeka Lana eskolen kuze kube ncono mangisekhaya Noma nje nakhona ubaba naye engangifuni.

Wabe esethi "khululeka ngizobona ukuthi nagenzenjani wena qhubeka uzimisele emsebenzini wakho wesikole konke lokhu okunye kubeke Kimi, ngifuna ungiphe ne address yasekhaya"

Nangempela ngamnika, wanginika nokudla kwakhe ayefike nakho ngadla yabe isikhala nensimbi sabuyela eklasini yena thishomkhulu wahamba waya ekhaya, mina akangichazelanga ukuthi uyokwenzani kodwa udaba ngaluthola ngogogo

Get 5x50ml for only R400Make 100% profittularparfum@gmail.comWhatsApp +27 69 754 0658
04/08/2025

Get 5x50ml for only R400
Make 100% profit

[email protected]
WhatsApp +27 69 754 0658

03/08/2025

Izindlu zodaka P3

Wakhuluma Waze wakhala ugogo eqhaqhazela ngisho izandla nami sengiyakhala ngoba lolusizi aluzwayo ugogo enhlizweni yakho nalobunzima abuchaza Ku thishomkhulu ngiyabubona Noma bengingazi mina ukuthi kanti ugogo uyafa ngaphakathi kodwa thina esifihlela kuba ngathi konke kuhamba kahle.

Ngabona uthishomkhulu ethi "Gogo khululeka ntombi endala ungazixaki ngomashonisa uzifake ezinkingeni, loludaba lwakho luyekele Kimi Noma nami nginezami izinkinga kodwa lolu olwakho ngizolulungisa ngiyathembisa futhi kuncono ngoba uyahola qhubeka nje nokuthenga ekudla nilale nidlile ekhaya"

Eyi kwakunzima ngempela wagcina esehamba ugogo eya ekhaya nami ngasala ngaya eklasini wafika wangikhipha umisi ethi "mina angibafundisi njalo osikhotheni abazoqala ngensango bese bezongena eklasini lami ngifundisa, ngicela ungiphumele emnyango mfana ngiyasebenza mina nengane ezaziyo zifunani"

Kwababuhlungu ngaphuma ngayohlala phandle ngicashile ukuthi abanye othisha bangangiboni. Angikaze ngizizwe ngibuhlungu ngaleyandlela empilweni yami, ukubona umisi ekhuluma lamagama awakhuluma Kimi nezingane zangihleka nange break.

Kwangifikela ukuthini angiye Ku thishomkhulu ngabuye ngasaba ngoba uthisha Lona osengihlekisa ngezingane.

Yaphela I break sabuyela klasini kwangena omunye thisha wangizela emnyango wangibuza ukuthi bengihleziphi mina iviki lonke. Ngabe sengimchazela lonke udaba wabe eseluqonda Noma wathe ukungishaya kodwa wangifundisa.

Ngafunda lwaphela usuku ngahamba ngabuyela ekhaya. Nogogo wayesencono ngoba ngasengibuyelile eskoleni kodwa udaba lwaselufikile kubaba. Wangibiza ngithi uzongishaya wavele wathi "ngizwile kuthiwa esikoleni uxoshiwe ubungasayi, njengoba usuzibona usuyindoda wena kuncono uvele uthathe amasaka akho uhambe uyofuna itohoke mfana wami ngoba wena usukhethe impilo yokuba uskhotheni"

Ngathe " Baba angixoshwanga esikoleni bengiyile namhlanje ngifundile"

Wathi " njengoba sengishiloke khehla yenza engikushoyo"

Ngabuyela kugogo ngayoluchaza loludaba.

P4...

03/08/2025

Izindlu zodaka p2

Kwababuhlungu kugogo ukuthi esikoleni bangixosha and futhi nami akufikanga kahle ukuthi ngibone ugogo wami ehlukumezeka ngaleyondlela okunye ngiyabona ukuthi loludaba luzofika nakubaba angeke kube kuhle Kimi.

Ayi nami ngabeka amazwi kuthishomkhulu ngithi "sir ngiyaxolisa okwenzekile angeke kuphinde kwenzeke kube ubuhlungu nje benhliziyo kuphela kodwa angeke kusenzeka ngiyathembisa"

Athi ugogo " ayi thula wena, kumele loludala ngilumukise kuyihlo ukuthi azokuqondisa izigwegwe lezi" kwehla kabuhlungu futhi nalokho Kimi wabe esethi u thishomkhulu "ndodana kungani Uma uhlekwa ezinye izingane ungezi Kimi Noma uyobika kwabanye othisha ?"

Nami ngaziphendulela ngithi "kwaba ukuhluthuka kwenhliziyo okwenzeka nami ngangingasazi ukuthi yikuphi okuhle kanti futhi ikuphi okumele ngikwenze Noma ngikuyeke ngabe sengithatha isinqumo sokuthi kuncono ngivele ngingezi kwakhona esikoleni ngoba ngasengiyihlaya kwabanye abafowethu ayikho nento eyayifundeka Kimi nginamahloni futhi ngizibona ngiyisihlupheki (ngangisho lawomagama ngibona ugogo usula izinyembezi nami ngivele ngihluleke ukuzibamba ngiphatheke kabi)

Ngabona uthishomkhulu ehlala kahle esitulweni sakhe wakhipha nezibuko wazibeka phezukwetafula. Wabe esethi "eyi ndoda ngiyaluzwa udaba lwakho kodwa Noma ngabe kunjalo kwakumele ufike Kithi othisha usazise ukuthi uyahlukumezeka Noma uyacwaseka Lana esikoleni sibone thina ukuthi senza njani ngoba ukulova kwakho kuzokwenza usale kakhulu ezifundweni, futhi akekho umuntu ozobuya azofundisa wena wedwa. Ngakho loludaba lwakho ngisazolulungisa, wena gogo ungakhululeka ngizosala naye umfana uzobuyela eklasini ayofunda "

Wabonga kakhulu ugogo ukuthi sengizobuyela esikoleni ekubeni besengixoshiwe. Wabe esethi" thisha nisibekezelele ngakho konke njengoba ningibona nje nami ngiphelele. Kwayona imali yempesheni engiyitholayo yonke iphelela ekudleni, ubaba wakhe lomfana akabambeki nje abantu besifazane notshwala wayawaya angisazi mina ngithini"

True story

P3 loading

25/07/2025

Izindlu zodaka p1

Ngakhula ekhaya ngihlala nogogo no baba, Kanye nomfowethu omncane. Sisebencane sasinganaki lutho futhi akukho nje esingathi sasikwazi kanti sasineliswa ilokhu esikutholayo ekhaya.

Safunda amabanga aphansi saqeda saze sayofika e high school nakhona kwabanzima ukufika e high school niyabazike ubunzima besikole kodwa Sagcina sifikile kuyimi phambili bese umfowethu omncane engilandela ngemuva ngebanga.

Ukufika kwami e high school kwangivula amehlo, ngaqala ngabona ukuthi ayi mani ayikho yinhle phela impilo esiyiphila ekhaya, uma usubona ukugqoka kwezinye izingane, angiphathi uma bezothi othisha akuswenkwe kwakuvela amahlazo kimi.

Ngiyakhumbula ezinye izingane zingihleka ukuthi ngiswenka ngebhulukwe lesikole, izicathulo zesikole bese ngifaka isikibha. Ngaze ngathi kugogo ekhaya angeke ngibuyele esikoleni kuyoze kuphele leliviki lokuswenka.

Wathi ugogo "awuzukuya ngoba yini?
Ngamtshela ngathi "gogo ezinye izingane zigqoka kahle esikoleni Mina ngiba yinhlekisa ngalezimpahla engiswenka ngazo"
Waphinde wathi ugogo "ngoba ugqoke kahle nje Mina angiyiboni inking futhi umuhle"

Ayi nangempela ngalova usuku lokuqala baba wangishaya kwathi ngakusasa ngavuka ngalungisa ngabe sengihlala ehlathini kwaze kwaphuma iskole Nami ngabe sengibuya Kanye nezinye izingane.

Uluvuleka kwami amehlo kwangifikisela ngokuthi kuzomele ngifunde ngizimisele ukuze Nami ngelinye ilanga ngizovusa lomuzi wakithi ongesilutho. Lathi maliphela ngempela iviki lokuswenka esikoleni ngabe Nami sengibuyela othisha babe sebengibhalela incwadi bathi ngilove iviki lonke angibuye nomzali.

Ngangingeke ngiyinike baba lencwadi ngoba ngangizofa induku, ngayifundela ugogo nangempela ekuseni savukela khona esikoleni nogogo.
Safika esikoleni kwathiwa "gogo umzukulu wakho ulove iviki lonke esikoleni kanti futhi asikaze sisithole isizatho sokulova kwakhe ngakho siyamuxosha"

Wababuhlungu kakhulu ugogo wathi "thina ekhaya sazi ukuthi ulove usuku olulodwa ekhala ngokuthi ezinye izingane ziyamhleka"

P2

22/07/2025

Ukube kuyangami ngabe angisekho emhlabeni, kunzima bafowethu 😩
Kuthiwa indoda ayikhali kodwa okwami sekudlulele manje kodwa kulungile inkosi izolenza icebo ngelinye ilanga

True story but I believe ku Nkulunkulu.Ngihla emqashweni angeke ngiyisho Indawo kodwa ilokoshi nje engikulo.Kushuthi kul...
16/07/2025

True story but I believe ku Nkulunkulu.

Ngihla emqashweni angeke ngiyisho Indawo kodwa ilokoshi nje engikulo.

Kushuthi kulendlu bekuhlala Mina nomfana wakhona ebengikhokha kuye I rent. Yebo izinkinga bezikhona kodwa lokhu engikubone izolo bekuthusa lokhu okwangempela.

Kushuthi lendlu ingu 2 bedroom, bathroom, sitting room and kishi kube sekufika abanye nje abantu bokufika engingabazi noma abesuthu, shangane or venda vele angikwazi nokubahlukanisa, even ulimi abalukhulumayo angiluzwa futhi nabo abangizwa kodwa ngi share nabo indlu sekuyophela inyanga manje bekhona, ngoba lomfana waphuma ekamereni lakhe wafaka labantu, okungu mama, ingane eziwu 3 nobaba, ingane abafana abawu 2 iminyaka mhlampe omdala una 7/8 omncane ula ko 3/4 bese Kuba Ilona omncane usakhasa.

Kushuthi into iqale kanje. Befika bafika ngo 11 ebusuku benomsindo kodwa ngangingenankinga nalokho futhi ingane ngiyazazike nomsindo. Ayi baze balale ngabo 1 Nam ngithi ngiyalala kungalaleki ngivele ngijuluke Into engingayazi ubuthongo bungafiki sdalo, kwaze kwasa hluthu ngibhekile.

Ayi kwathi ngabo 4 ekuseni abantu sebevukile Mina ngiyalala. Ngaze ngavuka ngo 12 emini.

Ayi ngibe namaphupho amabi nje kulezonsuku kodwa Nami nginganaki lutho.

Lufike olwayizolo usuku, Nami ngizibuyela e town ukuyozama impilo, ngize ngibuye ngabo 4 ntambama, mangifika endlini ngizivalele ekameren lami njengenjwayelo, bese ngabo 8 ngithi othi ngiyozama ukudla.

Mangithi ngivula umnyango nangu lomama emnyango ufake impahle ezimnyama ezivala ubuso, mangiphuma avele abaleke.

Nami ngiqhubeke ngiye stolo mangibuya ngimfice eme ekhoneni ebheke phansi avele angabaleki Nami ngivele ngime few seconds ngimbuke ngingasho lutho bese ngingena endlini.

Manje angazi kwenzakalani nanamhlanje ngithe mangibuya e town ngabo 3 nakhona ngimfice ekhoneni ebheke phansi Emile ngambingelela wangavuma wathula Nami ngathula manje Nemali ayingeni kahle kunzima ngifuna ukuphuma kulomqasho kubi angikho safe

Address

Jozini
3969

Opening Hours

Monday 09:00 - 17:00
Tuesday 09:00 - 17:00
Wednesday 09:00 - 17:00
Thursday 09:00 - 17:00
Friday 09:00 - 14:00
Saturday 09:00 - 14:00

Telephone

+27818101163

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Way makers ellpee Pty ltd posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share