NDABA Trailer HIRE

NDABA Trailer  HIRE Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from NDABA Trailer HIRE, Business service, P O Box 3086 Mtubatuba 3935. Mfekayi Ward 10, Mtubatuba.

18/06/2023

Change bearings

18/06/2023

Grease the bearings all the time

07/05/2023

Happy Sunday bekhonze kahle abantu, abe nani owavela kuqala anikhusele.

11/04/2022

Imvula ilokhu ine ngamandla ezindaweni eziningi, niqaphe kakhulu emgwaqeni amaheadlights akhanyiswe bo, namatele adla lubi esifundeni sethu uMkhanyakude neZululand mawunomcimbi sekumele uzame endaweni impahla ukuze ukwazi ukuhlabela umcimbi. Cela ukuthatha lelithuba ngibonge bonke aba liker lelipage Ndaba Trailer Hire isandla sidlulikhanda "Amen"

26/03/2021

Namhlanje siqeda unyaka lapho izwe langena kumvalelandlini wesigaba sesihlanu. Abezokuvikela nezokuphepha ezweni babetshalwe makhona onke ezwe ukuqapha thina ukuthi siyawulandela na umbandela womvalelandlini. Kwaba khona abalahlekelwa imiphefumulo yabo ngenxa yesandla sensimbi esabuye sasetshenziswa abezokuvikela kwezwe. Kwalahleka isithunzi somuntu omnyama njengoba kwakuba nezikhathi lapho indlu emnyama yayithi uma igcina amasiko ayo athile befike abakwasidlodlo bachithe zonke izidlo neziphuzo abasuke bezenzile beze befinyelele nasemisamo yabantu bachithe kwasani. Okwababuhlungu baningi abantu abaphambanelwa imizimba yabantu babo bafihle imizimba okungeyona uthole ukuthi senifihle owomdabu wasendiya. Umuntu ehaqwe ngoplastiki engabonwa nivele ninikwe nje umuntu eningamazi. Sibone okuningi okwenzekile kulolubhubhane saphinde saphila impilo eyehlukile ebesijwayele ukuyiphila futhi esisazohlala isikhathi siyiphila. Okubuhlungu ukuthi baningi kakhulu abantu bakaThixo abasishiyile kungazelele muntu futhi sisesiningi isibalo sabantu abasazohamba njengoba kubikwa ukuthi luselukhulu oluzayo kule3rd wave ezayo. Sibonile ngananka amehlo ekake umbombo abantu bakithi bebhuqwabhuqwa inkemane ngenxa yokuphelwa imisebenzi lapho abantu bengasathathi ntweni. Kunabantu akade besebenza behola kahle baphelelwa imisebenzi namhlanje bemukeliswa isamba semali ewuR350 ubone nje ukuthi umuntu useyakuthokozela ukuwuthola ngoba akasathathi ntweni. Bantu bakwethu sisazodlula lesisimo esibhekene naso futhi awuzophela lomhlaba bosala abasalayo bahambe abahambayo. Esikubona manje Kobe sekuwumlando esizukulwaneni esizayo sekukhohlakele njengazo zonke iziwombe esezake zenzeka kulelilizwe kodwa eseziwumlando sitshelwa sifunda nangazo emlandeni. UThixo owavela kuqala omdala wezinsuku asisibekele noma kunje ukhona, noma sifa noma siphila ukhona. "Amen"

31/12/2020

Ngibonge ngangena ku2021 nakuba kusasele amanikinikanga nje emizuzu kodwa for sure sengingenile, Happy New Year emndenini wami, izihlobo zami, abangani nami kanjalo nabo bonke abasupporter umsebenzi wami, ngibonge ukusebenzisana nani kulomsebenzi ngiyakholwa nakulonyaka esiwuqalile sizoqhubeka nokusebenzisana "Amen"

Send a message to learn more

Address

P O Box 3086 Mtubatuba 3935. Mfekayi Ward 10
Mtubatuba
7538

Telephone

+27822564137

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when NDABA Trailer HIRE posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share