PS news

Directions

PS news Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from PS news, Business service, Mtubatuba.

Kusasa sizobe sihambele endaweni yaseManguzi KwaMahlungulu ward 10 lapho iqembu lomkhonto wesizwe eliholwa ukhandidate R...
23/10/2026

Kusasa sizobe sihambele endaweni yaseManguzi KwaMahlungulu ward 10 lapho iqembu lomkhonto wesizwe eliholwa ukhandidate Raymond Ngubane lizobe LEnza umsebenzi omkhulu wokusiza emphakathini.

Sizobe sikhona bukhoma sizonilethela konke okuzobe kwenzeka, izingxoxo nokhandidate Kanye nomndeni ozothola indlu.

Bayakhala othisha ezinkundleni zokuxhumana ngabazali abalethela izingane zamatikuletsheni izipho(hamper) bathi akubukeki...
15/10/2026

Bayakhala othisha ezinkundleni zokuxhumana ngabazali abalethela izingane zamatikuletsheni izipho(hamper) bathi akubukeki ngoba ezinye izingane azikutholi lokhu.

Uthini owakho Umbono ngaloludaba?

IPHOYISA LIBULALE ABESIFAZANE ABATHATHU ENDAWENI YOKUMNANDI  LAZIBULALAKUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa w...
10/10/2026

IPHOYISA LIBULALE ABESIFAZANE ABATHATHU ENDAWENI YOKUMNANDI LAZIBULALA

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa kuthiwa udubule laba maqede wahlala phansi waphuza ibhodlela lakhe le-Hennessy, wahlula sebemncenga ukuthi angazibulali, wazibudula washonela khona lapho. Isigameko kuthiwa senzeke ngabo-12 ebusuku. Laba besifazane amaphoyisa asazama ukuthola imindeni yabo kodwa kubikwa ukuthi baneminyaka ephakathi kuka-18 no-24 sekuhlanganise nomsolwa. Imeya yaseMtubatuba uMnu Mxolisi Mthethwa uthi kumkhathaze kakhulu emoyeni okwenzeke kule ndawo. Iphoyisa lisebenzela eKhombe Police station eNkandla.

[ JUST IN ]lowo owabe enguMengameli wezwe uJacob Zuma ungeniswe esibhedlela sase Mgungundlovu, KwaZulu-Natal izolo ebsuk...
07/10/2026

[ JUST IN ]

lowo owabe enguMengameli wezwe uJacob Zuma ungeniswe esibhedlela sase Mgungundlovu, KwaZulu-Natal izolo ebsuku.

Lomholi we-MK Party uphuthunyiswe esibhedlela ngemoto ethwala iziguli ngemuva kokuhambela umcimbi eMsinga maphakathi nesifundazwe. Isimo sakhe sempilo asaziwa njengamanje.

UCde Gumede kaward 20 eMtubatuba uhambele umndeni womfana oshone kwingozi eyenzeke kuN2 lapho kushone khona abantu abaw ...
30/09/2026

UCde Gumede kaward 20 eMtubatuba uhambele umndeni womfana oshone kwingozi eyenzeke kuN2 lapho kushone khona abantu abaw 11 ephelezelwa yiqembu le IFP laku ward 20.

Leliqembu beliyokhala kanye nomndeni wakwaMthethwa endaweni yasetsheni njengoba umfana wakhona eswelekini.
UGumede neqembu lakhe badlulisa amazwi enduduzo kuyoyonke imindeni elahlekelwe kulengozi eyenzeke emtuba.

UFISELA UKULULAMA KWABALIMALE KANZIMA (10) ENGOZINI KU-N2 NAMHLANJE EMINI EGUGULETHU UMEYA WASENKOSI UMTUBATUBAUMhlonish...
30/09/2026

UFISELA UKULULAMA KWABALIMALE KANZIMA (10) ENGOZINI KU-N2 NAMHLANJE EMINI EGUGULETHU UMEYA WASENKOSI UMTUBATUBA

UMhlonishwa,uMeya,uCllr. M. Mthethwa,usefisele ukululama ngokushesha abalimale kanzima abangu-10 ababandakanyeke engozini namhlanje emini ngaKwaMsane endaweni okuthiwa kukwa-Young. Kuphinde kube nabangu- 9 abalimele kodwa okungekubi kakhulu kubona. Kwenzeka lengozi nje umphakathi waseNkosi uMtubatuba usakhungathwe yingozi enyantisa umzimba eyenzeke KwaManandi, edlule emhlabeni nabantu abangu-12 ngeSonto khona ku-N2.
Namhlanje kubikwa ukuthi itekisi eyi-22 seater ingene kwi-truck kwakhona abalimalayo nabaphuthunyiswe esibhedlela. Itekisi beyisuka eThekwini ilibhekise eManguzi.
"Siyamelana nalemimoya emibi kangaka elapha endaweni yangakithi eNkosi uMtubatuba. Kwenzeka lengozi nje besiseMgidini wabalaphi bomdabu abebesinxusela ukuba kushabalale leli lifu elimnyama elibonakala lithatha igazi labantu bakithi kulo mgwaqo. Siyabonga nje ukuthi imibiko esiyitholile ithi abekho abalahlekelwe yimiphefumulo. Siyambonga ongabonwayo ngokuhlenga impilo yabo. Nalaba abalimele sikhulekela ukululama okusheshayo," kusho uMeya uMthethwa.

Kudlule emhlabeni abawu-11 ngesikhathi kushayisana itekisi neloli emgwaqweni uN2 eMtubatuba lengozi idlule nabanye abafo...
27/09/2026

Kudlule emhlabeni abawu-11 ngesikhathi kushayisana itekisi neloli emgwaqweni uN2 eMtubatuba lengozi idlule nabanye abafowethu abasendimeni yomculo ka maskandi

Sekutholakale isidumbu sowesifazane eshonile enqunu eboshwe nezandla endaweni yaseCopesville, eMgungundlovu kuWard 29 ng...
15/09/2026

Sekutholakale isidumbu sowesifazane eshonile enqunu eboshwe nezandla endaweni yaseCopesville, eMgungundlovu kuWard 29 ngaphansi kamasipala uMsunduzi .

Kuvela ukuthi sekuyinsakavukela kulendawo ukubulawa kwabesifazane. Lesidumbu sitholwe abebeqoqa amathini abaziwa ngokuthi amapara.

Kunxuswa abalahlekelwe umunt wesifazane baxhumane namaphoyisa aseMountain Rise.

Sesitakuliwe isidumbu somfana emfuleni eJozini.Sesitholakele isidumbu somfana ona 14 ubudala obeminze izolo ngoMsombuluk...
15/09/2026

Sesitakuliwe isidumbu somfana emfuleni eJozini.

Sesitholakele isidumbu somfana ona 14 ubudala obeminze izolo ngoMsombuluko ebhukuda emfuleni uPhongolo. Le ndawo kuKwaNyamazane ku ward 6 eJozini, North of KZN.

Kudutshulwe kwabulawa owesilisa eMeerensee, eRichards Bay, namuhla ngoLwesibili ekuseni.Ngokwemibiko evela endaweni yesi...
15/09/2026

Kudutshulwe kwabulawa owesilisa eMeerensee, eRichards Bay, namuhla ngoLwesibili ekuseni.

Ngokwemibiko evela endaweni yesigameko, lo wesilisa ubesekhaya lakhe eLadyfish Nook ngesikhathi edutshulwa, ngaphambi nje kuka-9 ekuseni.

Omakhelwane babike ukuthi bezwe kuqhuma izibhamu eziningi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Amaphoyisa asefikile endaweni yesigameko futhi aseqalile uphenyo. ILadyfish Nook ivaliwe okwesikhashana njengoba amaphoyisa eqoqa ubufakazi.

Abahlali bayacelwa ukuba baqaphele futhi bagweme le ndawo okwamanje.

Address

Mtubatuba

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when PS news posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share