Nkandla Ward 11 services

Nkandla Ward 11 services Ubuholi obuqinisekisa ukulalelwa nokufezwa kwezidingo zomphakathi. uhambo olumqoka luyaqhubeka "SETHE

24/08/2026

Kube injabulo yodwa ngesikhathi ikhansela laku Ward 11 eNkandla Cllr uThokozani Ntombela evakashele ibandla eliso Phindweni INew iNkandla United Church izolo.

UKhansela uNtombela uvakashele leli bandla ehambisana nama ward committe uGumede noMzolo ngenhloso yokuzocela ukhuleko njengoba Kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya, ukhala ngokwanda kodlame, ukubulalana uma sekusondele lesisikhathi ingakho ezocela umthandazo wokuthi kube nokuthula ngalesi sikhathi sokulungiselela ukhetho.

Abazalwane bakujabulele kakhulu Ukuvakasha kukaKhansela UNtombela bathi kuyaqala emlandweni ukuthi abantu abasezikhundleni eziphezulu basondela kubantu.

UKhansela UNtombela ube esemema bonke abesifazane ukuthi baphume ngothi labo kumcimbi azowenzela abesifazane ukuzogubha kanye naye inyanga yabesifazane ehholo lasoPhindweni ngomhlaka 28 August 2026.

Uphinde wadlulisela izipho ebeziphathele amalungu ebandla,uphethe ngoku nxenxa abantu ukuthi baqhubeke njalo nokumeseka kuloluhamba lwakhe " impela leli khansela u number 1" kusho bona.

U Cllr ka Ward 11 eNkandla uCllr Thokozani Ntombela uvakashele umndeni wakwa Nxumalo lapho ebeyodlulisa amazwi enduduzo ...
03/07/2026

U Cllr ka Ward 11 eNkandla uCllr Thokozani Ntombela uvakashele umndeni wakwa Nxumalo lapho ebeyodlulisa amazwi enduduzo njengoba kudlule ubaba wekhaya obeyiNduna yendawo eMdlelanga ku Ward 11.

UMahlobo udlulise amazwi enduduzo waphinda waduduza nomphakathi ayiKhansela kuwo ngokudlula kweNduna waveza ukuthi naye njengeKhansela kule Ward ulimele kakhulu ngoba ubexhumana kakhulu nenduna njengoba ebeyikhansela ngaphansi kwayo.

Bacobelelane ngolwazi bancela kogwansile abantu abasha ku Ward 11 eNkandla ngaphansi kuka Cllr Thokozani Ntombela.Uhlang...
18/06/2026

Bacobelelane ngolwazi bancela kogwansile abantu abasha ku Ward 11 eNkandla ngaphansi kuka Cllr Thokozani Ntombela.

Uhlanganise abantu abasha baku ward 11 ehholo lomphakathi laku Mtshwili uCllr Thokozani Ntombela lapho bebezothola ulwazi ngamathuba akhona abantu abasha nokumele bakwenze ukuzithuthukisa,lapha bekumenywe iminyango ehlukahlukene nosomabhizinisi abasiza abantu abasha.

17/06/2026

‼️Lapha emashushu bacela usizo lokutholelwa imbuzi emnyama enentambo encane entanyeni sizani...❗️

Lapha kuse Ward 11 ikhansela lilekelela umphakathi weWard oswele amanzi eZintinini naseMjahweni baba Mpangazitha siyabon...
28/05/2026

Lapha kuse Ward 11 ikhansela lilekelela umphakathi weWard oswele amanzi eZintinini naseMjahweni baba Mpangazitha siyabonga ukuthi noma ungaphathiswe lutho olutheni kdwa emphakathini owakuthuma ngokukwethemba uyavela njalo kuwona umenjalo Hlobo🙌🏿🙌🏿🙌🏿🙌🏿🙌🏿

Kube yimpumelelo ukuhambela kuka Meya waseNkandla ku ward 11 eMdlelanga ...uncome kakhulu amagalelo ka Cllr Thokozani Nt...
27/05/2026

Kube yimpumelelo ukuhambela kuka Meya waseNkandla ku ward 11 eMdlelanga ...uncome kakhulu amagalelo ka Cllr Thokozani Ntombela ngemizamo yokusukumela umphakathi nasezimemweni ezingaphezu kwamandla akhe ....wabalula kakhulu ukuya emphakathini kwakhe kozo zonke izimo ikakhulu ukusiza nakulabo abasuke bedlulelwe izihlobo zabo.

Video kuma stories

27/05/2026

IKhansela lika Ward 11 lamukele ubuholi buka Masipala endaweni yaseMdlelanga ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lokuxwayisa nge GBV.

13/05/2026
13/05/2026

UMeya kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza uzohambela indawo yaseMashushu ngohlelo lomkhankaso wokulwa nokuhlukumeza ngokobulili, uMeya uzoba lapha ehholo lomphakathi khona eMashushu.

Usuku: 14 May 2026
Time: 10h00

13/05/2026

UMeya kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza uzokwethula izinhlelo zenthuthuko ebhekiswe emphakathi waseNkandla ngomhlaka 14 May 2026 ngo 15h00 emsakazweni iNkandla FM also live on Socials.

Address

Nkandla

Telephone

+27735465521

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Nkandla Ward 11 services posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share