29/07/2026
Kuningi okusashoda ngaphakathi ebandleni nakuba wenziwa kwamanye amahlelo kodwa kwamanye asasilele emunva kakhulu:
1.Counseling Ministry:
▪︎Emabandleni bakhona abadlule kwizinhlekelele ezahlukene, abadinga, ama sessions okululekwa: R**e, divorce, ukushonelwa wangemukela, domestic violence,etc
▪︎Abanye abasanda kuphenduka basenobuthakathaka obuningi basadinga ukucathuliswa, bekhulekiswe, befundiswe iself-control
▪︎Abanye banezimo zempilo ezibenza bengene kumadugs, uphuzo olunamandla, ebugebengwini nalabo badinga amasessions okululekwa.
▪︎Professional Psychologist angamenywa ukuba ingxenye yama programs ebandla.
2.Welfare Ministry:
▪︎Ukunakekelwa kwabazalwane abangasebenzi, izintandane, abafelokazi.
▪︎Uma ibandla liqoqa okweshumi kulindeleke ukuba kusebenze kule ministry ebandleni.
▪︎Ukuqinisekisa ukuthi ingane okumele ibe sesikoleni iyafunda, futhi inakekelekile.
▪︎Social Workers angacelwa ukuzoba ingxenye yama programs.
3.Educational Ministry
▪︎Ibandla liqeqeshe amaChurch Leaders noma liqinisekise ukuthi ama leaders and church workers bayayithola itraining efanele
▪︎Ukugqugquzela ukufunda kwi Youth, ukwenziwa kwama Skills development kuze bekwaz ukuziphilisa nokuthuthukisa ibandla
▪︎Ukudlulisa information ngezemfundo nokusiza abantwana abasafundayo ngolwazi okungaba NSFAS, CAO Applications, Busary,
▪︎Ukulekelela ngamadonation njenge uniform and stationary.
Kuningi!
Register your ministry/ Church/ organisation as NPO or NPC ukuze ukwaz ukuthola amadonations and sponsers