28/09/2022
Regarding le ndaba yokuthwasa
Awuzihambeli ukuyothwasa ngoba utshele abantu or uzisola Kuth unedlozi⚠️
Uma unedlozi lizofika kuwe lizikhulumele likutshele Kuth hamba uye kulomuzi othile uyothwasa khona nakhona uyoth ufika uyobe esazi lomuntu oya kuyena liyobe selimtshelile elakhe idlozi Noma ephuphile Noma uzihambela ebsuku ulele ufike khona uquleke ungazazi Kuth ufike kanjan ungazazi nokuth ukuphi awuhlangani namuntu ngisho endleleni usuke uhambe ulele Noma uhayiza ngoba leyonto isuke iplanwe idlozi.
Awuvele uvuke nje eksen ucabange ukuyothwasa then uhambe Cha akunjalo kmele ukhishwe idlozi not ukuth uphuphe uthwasa bese uyothwasa no kmele uphuphe bekukhombise ngisho umuzi osothwasa kuwo Kanye nogobela bekhulume nawe laphoke idlozi liyakwenzela ngisho iplan kuhlangane nemali yokuthwasa neyokuphuma ephehlweni idlozi liyazikhulumela musani ukulicabangela nivele niyothwasa nizoba imphuphe engenenamoya engakwazi ngisho ukuhlola lokhu
Mawunedlozi awutshela abantu futh awuzwa nangabo ngisho uhlola kahle kahle akekho Umuntu ongenalo idlozi wonke Umuntu limvuka ngendlela yakho kodwa lokho akusho Kuth hamba uyothwasa kodwa lisuke lifuna ukulungiselwa into ethile bese libaryt ngengokulungiselwa amagobongo kanje
Ukupha amabhubesi akusho Kuth hamba uyothwasa
Ukuphupha useskoleni akusho Kuth hamba uyothwasa
Ukuth awulungelwa ilutho akusho Kuth hambo uyothwasa
Yonke into ephathelene nokuthwasa uyayiphupha Noma utshelwe emadlebeni utshelwe ngisho kuth uzofaka ubuhlali obunjani amabhayi anjani imbuzi abazifunayo zinjani bafuna uphumele kini noma komalume.
Yekani ukududwa abantu ngoba befuna ama clients Kuth nizothwasa Kubo ngemali ephansi Noma ngoba nakhu lowo gobela edumile
Zibuzeni into eyodwa yindaba izangoma zingaka kodwa zingalungelwa yilutho futhi Imali zingenayo? Nizothi zithakathiwe zonke? Yindaba zingenawo umoya wokuhlola zivele zith uneslwane, kumele uyothwasa nithakathwa Umuntu wasemndenini, umbethe kmele umbule ingubo amanga wonke lawo angani abana sthunywa bathwasa kungafanele sebeqambela abantu amanga ngoba befuna Imali
Okungcono tholani iziwasho nihlambulule idlozi lizikhulumele Lona
Maningi amathwasa kodwa zimbalwa izangoma zangempela