Umnyathi Business Forum

Umnyathi Business Forum Ingabe usomabhizinisi omncane ovalelekile, ongalitholi ithuba loku khula.

Noma endaweni yangakini kunama Tender and Projects kodwa awuqashiwa, sikhona sizomela ilungelo lakho.

09/11/2022

Sanibonani future millionaires.

Sindlulisa nasi isimemo esiqhamuka ku Abaqulusi business forum, bamema bonke osoma bhizinisi abakhulayo kungaba omama abadayisa eyikolweni, abakhulisa inkukhu, omashonisa , abanama phepha wama tender naba limi.

Indawo : enkantolo ye nkosi ( Vumani )
Usuku : 13 November 2022 (Sunday)
Isikhathi: 10:00 am

For more information contact: 063 020 6904 No Majola

06/09/2022

Sanibonani future millionaires

Kukhona uhlelo loku bhalisa bonke osoma bhizinisi abancane abana ma CK baku ward 5, kufanele baxhumane no Ward 5 councillor umama Vilakazi.

Kuthiwa kuzo bhaliseliwa ukungena ku database yalo msebenzi olapha e Rank njengoba sibona kuguguliwa.

Kuzodingeka ukuthi uthumele umama Vilakazi imininingiwane ye CK nezi nombolo otholakala kuzona.

For more information please contact Cllr T Vilakazi noma i ward committee langakini ukuze lizoku xhumanisa no khansela.

Sanibonani ma future millionaires no mphakathi ka ward 5 namaphethelo.Nali ithuba losoma bhizinisi, ku bhokwe water wast...
23/06/2022

Sanibonani ma future millionaires no mphakathi ka ward 5 namaphethelo.

Nali ithuba losoma bhizinisi, ku bhokwe water waste project kufuneka I contractor ezo supply the following;

18/06/2022

Ngibingelele ku mphakathi waku ward 5 , ngibingelela ngoku dumala.

Mphakathi kune post elana ku group yakwa mnyathi ebhaliwe omunye usisi, inyatisa igazi futhi isizwisa ubuhlungu.

Ngicela sibambisane siqede lesi hlava sobugebengu esiqalayo kule ndawo yakithi, kuthiwa kuno sisi obe khuleliwe obanjiwe inkunzi wagwaziwa yigila mkhuba wandlula emhlabeni kuthiwa zishaqe ama foni.

Uma kukhona okusolayo noma kukhona ophethe ifoni akangayi thenganga uwuhlabe uwulawule ukuze kuzoba nobu lungisiwa.

ZiyakhalaZitholele iphepha ndaba lakho le Vryheid Herald , lizikhinininda zonke indaba ze  project yase bhokwe naba hhol...
17/06/2022

Ziyakhala

Zitholele iphepha ndaba lakho le Vryheid Herald , lizikhinininda zonke indaba ze project yase bhokwe naba hholi bakhona abangenzi kahle.

Kufakiwe nesithombe esihambisana nale memorandum eyayi hanjisiwe umphakathi ku construction yase bhokwe.

Uma ufuna ukwazi iqiniso eliphelele ngalolu daba ubofika enkantolo ye nkosi ngeyi 21 June 2022, isikhathi ngo 11:00 ekuseni, lapho kuyoba kulungisiwa khona izwe elimoshiwa abahholi bethu abase mandleni , abasebenzisa ikhundla zabo nge ndlela engafanele.

09/06/2022

Sibingelele ku mphakathi wase bhokwe Nama phethelo Nama Future millionaires.

Mphakathi ngithi angindlulise I feed back ngohambo lwethu lwe shut down Ku bhokwe sewerage, ngolwesihlanu ( 03 June 2022 ) olundlule , kwaba neyi nesi vumeliwano phakathi kwe manager ye construction no mphakathi ukuthi Monday sohlala etafuleni silungise yonke into bese siyaphela isiteleka babuyele emsebenzini.

Kodwa okwenzeka Monday ( 6 June 2022 ) I manager ayikaze ibatshele abaphathi bayo kodwa yabiza amaphoyisa athi ama phoyisa engaka fiki savumelana naye ukuthi ngolwesithathu akababize abaphathi sohlala etafuleni, umphakathi wabe usuhlakazeka emumva kwawo kwafika amaphoyisa abhindliza yonke into esasi vumelane ngayo.

Kwathi ngolwesibili wafika umphathi we construction, Noma shobane ( Speaker) , kukhona I Psc meeting. Kuthe Uma bephuma Ku PSC meeting wasicela u mashobane ( Speaker ) wathi kuningi okumoshakele kodwa ngoba seku late futhi udaba lwethu lujulule ucela sihlele umhlangano womphakathi, construction nabo ngoku hlukana kweminyango engamele I project ukuze kuzotholakala isombululo salolu daba.

Kodwa kulokhu koku qasha beku khulumile ukuthi le PSC ayeke ukuqasha ubunyelele iqashe ngobu ngani, akuqashiwe ngendlela eyili qiniso neyaziwayo.

Sibe sesi cela ukhansela ukuthi lomhlangano sicela ube ngeyi 21 June 2022 endaweni ngo 11 ekuseni enkantolo ye nkosi.

Okunye umama khansela ebambisene no ward committee bangicelile ukuthi ngindlulile nasi isimemo, ngeyi 10 June 2022 Kuno mhlangano woku qasha abasebenzi abawu 10 abazolekelela okwesi khashana, isikhathi ngo 10 ekuseni indawo e bhokwe e station.

21/02/2022

RECTIFICATION OF SEWER RETICULATION AND CONSTRUCTION OF
WASTEWATER TREAMENT WORKS AT BHOKWE VILLAGE, ABAQULUSI
LOCAL MUNICIPALITY, VRYHEID
CONSTRUCTION OF A PIPE BRIDGE
MISA/ALM/SRC/003/2020/21

1. TENDER INVITATION
Qualified companies are invited to submit quotation for the works required for the Construction of a Pipe
Bridge. Quotes including the attached priced schedule must be submitted by 01 March 2022 (Tuesday)
at 12H00.

2. QUALIFYING COMPANIES
a) Tenderers must reside within Abaqulusi Local Municipality.
b) Tenderers must be registered with CIDB Grade 2CE or higher.
c) Required document
- CK
- ID
- TAX PIN
- CIDB
- LETTER OF GOOD STANDING
- B-BBEE
- TWO REFERENCES (COMPLETION LETTERS)
3. SCOPE OF WORK
The project is at Bhokwe Village with the work to be undertaken as a subcontractor to the main
contractor (Nickelodia Trading [PTY] LTD).
The scope of the work includes the construction of a pipe bridge (Pipe Crossing).
4. CONTRACT AGREEMENT
The successful contractor will be required to sign a subcontractor agreement.
5. DRAWINGS
• Pipe Crossing layout and sections
• Bending schedules
6. SPECIFICATION
Refer to the following sections of the Standardised Specifications of SANS 1200: -
SANS 1200G : Concrete (Structural)
SANS 1200H : Structural steelwork
7. The tender documents can be send via hand post to the Bhokwe Site or be
e-mailed to [email protected]

20/11/2021

Sibingelele ku Mphakathi waka ward 5 Nama ciko.
Simema onke amaciko akhona ukuthi bezo joyina ku event ehleleliwa I 16 December 2021, le event ezoba ibizwa ngokuthi; Kwa mnyathi colour event.

Kudingeka onke amaciko ukuthi ajoyine ukuze kuzo khandiwa I post ezophuma ne line up ephelele.

1. Maskandi artist
2. Hip hop artist
3. Dancers
4. Poetry
5. Drama ( acting )
6. Isicathamiya
7. Mc
8. And many more

For more information please contact the following numbers: ISIQWANE 084 3446 015 what's app....0797699823 Lindo madela ( Benga )

16/11/2021

Ngibingelele mphakathi and future millionaires.
Ngicela ukuyi cacisa lento eyo Umunyathi business forum akusilo iqembu le politiki kodwa iqembu elimele osoma bhizinisi nge ndlela efanele futhi esemthethiweni eyaziwa kuzo zonke ikhungo zika Hulumeni ezithinta osoma bhizinisi nathi esikwenzayo asiku suseli ekhanda kodwa silandela I constitution ye forum okungama principles amele osomabhizinisi kuwo wonke ama project akhona, ingabe I project ka Hulumeni noma private. Lapho oku khona u somabhizini siya ngena silwele amalungelo wakhe futhi simele amalungelo wosoma bhizinisi abamnyama.

Nakhu okufanele siku funde ukuba usomabhizinisi akudingi ukuthi ube yipunyela noma ube neyi ndondla ze Mali kodwa udinga nakhu okulandelayo;

1. CK registered with cipc
2. BBBEE certificate
3. Tax clearance certificate
4. Register with Csd database
5. Register with Abaqulusi municipality
6. Coida ukuvikela abasebenzi uma usunabo, akusiyo ipoqo.
7. Cidb grading ikakhulukazi uma uku construction.
8. Banking details
9. Business profile

Uma kukhona I project ka Hulumeni endaweni eno feasible 30% we sub contracting, uzoyi dinga lezi cucu engiyibalile.
Nakhu okwenziwa I project Uma izothuthukisa umphakathi sengisho intuthuko, Ukhansela ufike eyithule emphakathini bese kukhethiwa I steering committee esizobhekelela ukuthi I project yenza kahle baphinde ba report emphakathini nge nqubo ye project.

1. Steering committee: kukhethiwa ama lunga womphakathi ukumele zonke inhlanga eyikhona emphakathini e.g. Induna, land commit, ikole, abakhubazekile, public transport, ikole, mthola mpilo, osomabhizinisi and etc. Bonke labantu abahholi, kuba khona imihlangano ebizwa nge plc meeting ebakhona ngaphakathi ku site njalo nje nge nyanga kuzo khulunyiwa nge progress ye project Uma bephuma lapho babuye bezo report back to the community.
2. CLO: ukhethiwa ngalo losuku kuzothiliwa I project, ukhethiwa yiwo umphakathi. Akudingi matric or qualifications ukuba CLO kodwa umuntu ozosebenza ngokuzi khandla ozohlanganisa u main contractor no mphakathi, aphinde alale naba sebenzi nama sub contractors.
3. Local labour: kuqashiwa abantu base ndaweni lapho okukhona I project e.g. Uma ise bhokwe 60% e bhokwe bese kuba 40% Ku ward 5. Kufanele kuqashiwe abantu abamnyama abayi youth, woman, veterans, abakhubazekile . Ukhansela akaqashi kodwa ubakhona abhekelele isimo sokuthi kuqashiwa nge ndlela futhi bonke abantu Baya neliseka nesi balo esidingiwe main contractor siya hlangana.

4. Feasible 30%: Main contractor uzosho ukuthi I project eyamalini futhi u 30% ozosetshenzeliwa wosoma bhizinisi Malini? Bese ekhipha i scope of work esichaza ngomsebenzi kulandele ama tender document woku bhidela umsebenzi, bese kuthi mhla kuqaliwa umsebenzi Nama sub contractors aqale.
B. Ama sub contractors athole umsebenzi kufanele andlulisele I skill endaweni baphinde beqashe i local labour endaweni.
C. I plant sengisho ama truck nemi shini I provide osomabhizinisi kodwa u main contractor angeza noku bili bese konke lokhu okonye akufune kosoma bhizinisi base ndaweni, ukuthuthukisa osoma bhizinisi abakhulayo.
5. Sustainability in a community: u contractor kuba khona akwenzela umphakathi hhayi nge poqo kodwa okulingana namandla wakhe, nomuphakathi une lungelo loku faka icelo zama donations, Uma enalo usizo uyalekelela.

Uma konke lokhu kungenzekanga amathuba okuthi i project iphele mancane kodwa kungenzeka njengako mngeni lapho okundliwe khona u 5 million tender wokwakha I sport field, njengoba nase bhokwe I sewerage project yaphambilini yahamba ingaqedile kodwa imoshile yandla ne Mali.

It's time we work together siyeke ukujabulela u fish 🐟 kodwa sifune odobo🎣 ukuze sizo kwakha a better future for all.

'1st Annual Kwa mnyathi colour event'Sanibonani future millionaire's and Mphakathi wakwa mnyathi.Ngihlela I event ezoba ...
10/11/2021

'1st Annual Kwa mnyathi colour event'

Sanibonani future millionaire's and Mphakathi wakwa mnyathi.

Ngihlela I event ezoba ngeyi 16 December, kuzoba annual event shukuthi lomcimbi uzoba khona njalo nje ngo December 16.

Bengi fisa ukuhlela nani ukuze uzoba yimpumelelo futhi ube sezingeni. Inhloso yami ngalo mcimbi ukukhulisa osoma bhizinisi noku thuthukisa amakhono.

Bengi fisa ukuthi kulo mcimbi osoma bhizinisi bathole ithuba loku khangisa ngama bhizinisi wabo, abanama brand bakhangise ngawo, abadayisayo bathengise. Bese kuthi nabanama khono bayi khangise basi vezele imisebenzi yabo.

Ngosuku lomcimbi ngihlela ukuthi kube khona i tournament ye street soccer abesi mame nabesilisa, lapho kuyoba kundlala khona abandlali abawu 5 e thimini eyodwa. Kube khona i tournament ye netball abesimame nabesilisa.

Bese kuthi abaculi naba dansayo ba show case ngama khono wabo, lapho abazobe beyi thengisa khona.

For entertainment ( ukuyijabulisa) ngizo faka ama swimming pools afuthiwayo ngoba nginawo, decoration ye beach party, bese abantu beza Nama camp chairs and cooler boxes. I braai area ikhona ofisa ukuzo thengisa inyama uvumelekile, nofisa ukuzo thengisa iphuzo ugesi ukhona.

Kule event bengasi boni isidingo soku bhukha I celebrity eli Dumile elaziwayo kodwa siphushe wona lana esinawo ku local ukuze nabo bezo khula.

Isifiso sami beku fund raise imali ezolekelela abanama khono ukuthi kukhishiwe I musical trailer film ezoba ixube onke amakhono esinawo, kuzothi abaculayo baqophe I EP cd ezo fixture abaculi abadumile abafana no mzukulu ukuze izoshesha idume itrend, bese amagida Ngoma Nama actors bathole ithuba Uma seku shuthiwa I trailer film.

Le project izo show case onke ama talent esinawo endaweni yethu phinde inike abaningi ithuba lokuyi veza.

Wena uthini owakho umbono.

Address

Vryheid
3114

Opening Hours

Monday 07:00 - 17:00
Tuesday 07:00 - 17:00
Wednesday 07:00 - 17:00
Thursday 07:00 - 17:00
Friday 07:00 - 17:00
Saturday 07:00 - 12:00

Telephone

+27797492706

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Umnyathi Business Forum posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Umnyathi Business Forum:

Share